Izindaba

Kugadla entsheni ukwentuleka kwemisebenzi

Mlungisi Gumede|Published

USIHLALO we-IFP Youth Brigade kuzwelonke uMnuz Mthokozisi Nxumalo othi kuyichilo ukuthi kubekhona intsha enamajazi kodwa ebhuquza emakhaya USIHLALO we-IFP Youth Brigade kuzwelonke uMnuz Mthokozisi Nxumalo othi kuyichilo ukuthi kubekhona intsha enamajazi kodwa ebhuquza emakhaya

ZISHAYISA ngovalo izibalo zakamuva ezikhishwe yiStats SA mayelana nokuntuleka kwamathuba emisebenzi kuleli okunovalo lokuthi zingase zinyuke ziye ku-50%, zisuka ku-30.1%.

Ukungakhuli komnotho ngenye yezinto eyenze isimo saba sibi.

Ukubheduka kweCorona emhlabeni-jikelele, okushaye kwezwela emnothweni wamazwe kungaba nomthelela ekutheni lezi zibalo zifinyelele ku-50%.

Izinkomba ziveza ukuthi abantu abashayeka kakhulu ngokuntuleka kwamathuba emisebenzi yintsha, enye yayo ebhuquza emakhaya kungafanele ngoba ineziqu.

Njengoba sisonga inyanga yentsha uJuni, Isolezwe likhulume nabaholi bentsha bamaqembu ehlukene ukuthola umbono wabo ngokuthi yini ababona ingaba yisisombululo ezingqinambeni ezibhekene nentsha.

USihlalo we-ANCYL eThekwini uMnuz Thembo Ntuli oyikhansela ophakanyiselwe esikhundleni sePhini likaSihlalo we-ANC ohlangothini lukaNkk Zandile Gumede njengoba kuvivelwa ingqungquthela yaseThekwini, unxuse intsha ukuba ingalilahli ithemba kodwa isukume izibambele ukuze ishintshe impilo yayo.

“Enye into ebalulekile ukuthi intsha kumele ifunde, ingafundeli ukuthola imisebenzi kodwa ifundele ukuthi iqale amathuba emisebenzi ukuze iqashe enye intsha, imfundo futhi ibalulekile ngoba ngaphandle kwayo izwe lethu lingafa uma lizophathwa ngabantu abangafundile,” kusho uNtuli.

Uthe kumele isebenzise ukukhululeka kwezwe ukuba kusebenzele yona.

Umholi wentsha yeDA uMnuz Luyolo Mpithi, uthe sekucacile ukuthi uhulumeni akazimisele ngokusiza intsha wayinxusa ukuthi isukume ibhukule.

“Uhulumeni wethu ufuna ukuthi intsha ihlale ibuthaka ingakwazi ukuzimela khona izohlala imvotela,” kusho uMphithi.

Uthe kunezinto abazethulile kuhulumeni bamcela ukuthi akazisukumele ngoba bakholwa wukuthi zingayishintsha impilo yentsha.

“Okokuqala sicele ukuthi akube khona umhlomulo ozotholwa ibona bonke abantu abasha abangasebenzi noma ngabe kuthiwa iminyaka yakhe isingaphezu kuka-18 (ngoba eyesibonelelo sezingane iyanqamuka uma umuntu esena-18), khona bezokwazi ukuziphilisa. Okunye esikushoyo ukuthi uhulumeni akehlise inani le-data ukuze intsha izokwazi ukungena kalula kwi-internet ifake izicelo zomsebenzi. Sifuna futhi uhulumeni aseke kakhulu amabhizinisi amancane ngoba sikholwa ukuthi angalekelela ekuqasheni intsha engasebenzi,” kusho uMphithi.

Umholi wentsha yeDA uMnuz Luyolo Mphithi osola uhulumeni ngokungabasizi ngamabomu abantu abasha ukuze bahlale bebuthaka khona bezohlale bemvotela

USihlalo we-IFP Youth Brigade kuzwelonke ophinde abe yilungu lePhalamende kuzwelonke uMnuz Mthokozisi Nxumalo, uthe ngaso sonke isikhathi umgomo we-IFP ukuzakha nokuzenzela.

“Uhulumeni we-IFP waqhamuka namakolishi ayeqeqesha abantu ngokwamakhono kodwa uhulumeni we-ANC wawabulala lawo makolishi. Amakolishi amakhono abebalulekile ngoba umuntu ubephuma enekhono noma engaqasheki kodwa akwazi ukuziqalela ibhizinisi lento ayaziyo njengokukhanda izimoto nokunye,” kusho uNxumalo.

Uthe umsebenzi kahulumeni ukwenza isimo sokuthi abantu bakwazi ukuziqalela amathuba emisebenzi.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnuz Thabani Khumalo usole abaholi bentsha ngokungabeki intsha phambili uma sebengene ezikhundleni.

“Cishe zonke izinhlangano zinabaholi bentsha kodwa azikho izinhlelo abaziqhubayo ukuze bashintshe impilo yabanye abantu abasha, into abayijahayo ukuthi bafake imali emakhukhwini abo uma sebesezikhundleni,” kusho uKhumalo.

Uthe mkhulu umehluko phakathi kwabaholi bentsha beminyaka yo-1970 nabamanje.

“Noma izinto ezazilwela zingafani kodwa abaholi bakudala babenentshisekelo abanye baze banikela ngempilo yabo ukuze kutholakale intando yabantu,” kusho uKhumalo.