UPHUTHELWE ukuhola imali yesibonelelo unyaka wonke owesifazane waseThekwini, okusolwa umkhonyovu ngekhadi lokuhola elamlahlekela washaya elisha UPHUTHELWE ukuhola imali yesibonelelo unyaka wonke owesifazane waseThekwini, okusolwa umkhonyovu ngekhadi lokuhola elamlahlekela washaya elisha
SEKUPHELE unyaka engaholi owesifazane waseKenville, eThekwini, okuvaleke isibonelelo sezingane zakhe ngenxa yezinsolo zokuthi kwenziwe umkhonyovu ngekhadi lakhe.
UNksz Sindi Kunene (27), onezingane ezimbili, wagcina ukuhola ngoMeyi ngonyaka odlule njengoba kuthiwa kusaphenywa. Utshele Isolezwe ukuthi wabanjwa inkunzi ngoMeyi, waphucwa isikhwama esasinekhadi lokuhola namanye amakhadi asebhange. Kwadingeka ashaye ikhadi elisha lokuhola ngawo uMeyi, wangaba nayo inkinga yokuhola.
“Ngahola ngoMeyi sengishaye ikhadi elisha. Sengiphindela ukuyohola ngoJuni ikhadi belingasasebenzi. Ngathola ukuthi livaliwe eposini ngoba kusolwa umkhonyovu kulona. Ngaya esiteshini samaphoyisa ngiyokwenza incwadi efungelwe ngodaba lwami, ngadlulisa wonke amaphepha eposini,” kusho yena.
Uthe ubelokhu elindile ecabanga ukuthi uzothintwa atshelwe ukuthi kuhamba kanjani ngophenyo. Kuze kwaphela unyaka engaholi. Kuze kwaphinda kwaqala uthaqa ngenxa yeCovid-19, wacabanga ukuthi kuzothi kuvulwa konke kube sekuqondile.
“Ngiye emahhovisi akwaSassa (South African Social Security Agency), eDurban Sation ngiyozwa ngodaba lwami. Ngitshelwe ukuthi konke sebekwenzile ohlangothini lwabo futhi nemali iyafakwa ekhadini. Bathe kumele ngibheke eposini ukuthi yini ebambile,” kuchaza yena.
UNksz Kunene uthe naseposini uyile kwathiwa kusaphenywa. Ugcine ukuya ngoLwesibili olwedlule emahhovisi eposi enkabeni yeTheku, wafuna umphathi wakhona wangamthola. Uthe usephelelwe nayisineke sokubekezela ngoba ziningi lezi zinyanga engaholi. Ubenethemba lokuthi uma ekhuluma nomphathi hleze luzosheshe lulunge udaba lwakhe.
Okhulumela abakwaSassa eKZN uNksz Sandy Godlwana, uthe babhekile ohlangothini lwabo bathola ukuthi inkinga ayisekho ngakubona. Uyalele uNksz Kunene ukuthi ayobheka kubaphathi beposi ukuthi yini ebambile ngodaba lwakhe.
Okhulumela iSouth African Post Office uNksz Nobuhle Njapha uthe akuveli ngasohlangothini lwabo ukuthi udaba lwabikwa. Uthe badinga incwadi efungelwe namaphepha afanele ukuze baphuthume baxazulule lolu daba, uNksz Kunene akhokhelwe nemali yakhe.