INHLANGANO elwela ukuthi kuvulwe ukudayiswa kukagwayi kuleli, iphinde yachithwa yinkantolo enkulu yaseGauteng namhlanje INHLANGANO elwela ukuthi kuvulwe ukudayiswa kukagwayi kuleli, iphinde yachithwa yinkantolo enkulu yaseGauteng namhlanje
INHLANGANO elwela ukuthi kuvulwe ukudayiswa kukagwayi iphinde yagqemeka udume namhlanje njengoba inkantolo enkulu yaseGauteng iphinde yayiqumba phansi kulokhu.
Le nkantolo ebiholwa wumengameli wamajaji, uJaji Dunstan Mlambo, ithe uhulumeni ngeke asolwe ukuthi avale ugwayi ngoba iCovid-19 yisifo esisha, nemithetho ehambisana nokuyinqanda yenzelwe ukuzama ukulwa nalolu bhubhane.
Uthe lokhu kusho ukuthi uhulumeni kumele athathe izinqumo ezidingekayo ukuze avikele umphakathi.
“Silizwile iphuzu likangqongqoshe lokuthi okushiwo yiFita kuwukushaya indiva isisekelo okwakheka ngaphansi kwaso ukushaywa kwalo mthetho,"kusho iJaji.
Uthe ukuthi umkhiqizo awuyekeki uma umuntu eke waqala ukuwusebenzisa, akusho ukuthi ngalokho uyadingeka ukuze umuntu aphile.
“Iphuzu leFita lokuthi ngoba nakhu ugwayi uwumkhiqizo okunzima ukuwuyeka uma usuwuqalile, akuwakhi umqondo. Ukuthi umkhiqizo awuyekeki akusho ukuthi uyisidingo ngqangi".
"Ngaleyo ndlela akukho esingakwazi ukubambelela kukho size sithi kufanele kuvunyelwe ukudayiswa kukagwayi,"kucacisa inkantolo ikhipha isinqumo esichithe iFita.