Izindaba

Kuboshwe ibhungu (17) elisolwa ngokubulala

Zanele Mthethwa|Published

KUBOSHWE ibhungu elaziwayo emphakathini ngokufa kuka-Amanda ‘Sisi’ Mthembu, isidumbu sakhe sitholwe sigqitshiwe eDokodweni ngoMsombuluko Isithombe: SITHUNYELWE KUBOSHWE ibhungu elaziwayo emphakathini ngokufa kuka-Amanda ‘Sisi’ Mthembu, isidumbu sakhe sitholwe sigqitshiwe eDokodweni ngoMsombuluko Isithombe: SITHUNYELWE

KUBOSHWE ibhungu elineminyaka engu-17 ngokufa kwentombazane yaseDokodweni, ngaseGingindlovu, isidumbu sayo esitholakale kuleli sonto sigqitshwe emgodini esimobeni.

Leli bhungu lisolwa ngokudlwengula nokubulala * -Amanda ‘Sisi’ Mthembu (11), obefunda uGrade 7 eDokodweni Primary. Isidumbu sakhe sitholakale ngoMsombuluko emuva kokunyamalala ethunywe koninalume ngoJuni 14.

Isolezwe lithole ukuthi leli bhungu belivele lisoleka kulesi sigameko futhi aliqali ukuthinteka ezigamekweni zokudlwengula.

UNkk Dudu Mchunu ongunina omdala kamufi, uqinisekisile ukuthi kuboshwe umfana abamaziyo. Uveze ukuthi kubuhlungu okwenzekile namanje abazi ukuthi kungani ingane ibulewe. Uthe bebevele bezwe amahlebezi emphakathini okuthi kusolwa yena, abanye bathi bambona ejaha umufi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa uboshwe ngoLwesithathu.

“Amaphoyisa aseGingindlovu abengalali, enza uphenyo olunzulu emuva kwalesi sigameko. Umsolwa uboshwe khona eDokodweni.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eGingindlovu ngecala lokubulala nelokudlwengula,” kusho uColonel Mbele.

UColonel Mbele uthe isidumbu sika-Amanda satholakala sinqunu sigqitshiwe. UNkk Mchunu uthe bebesola ukuthi wadlwengulwa njengoba ubekhunyulwe zonke izingubo, zabekwa eduze kwendawo abegqitshwe kuyona. Uveze ukuthi wayethunywe koninalume, okungekude nalapho umufi abehlala khona noyise noninakhulu. Kwabonakala ngoba engabuyi ekhaya ekubeni bekumele aye esikoleni ngakusasa. Isidumbu sika-Amanda kuthiwa sitholwe yizinja zamaphoyisa ezihogela umkhondo. Kuvela ukuthi bekubonakala kuyithuna eliselisha lapho abegqitshwe khona. UNkk Mchunu uthe basola ukuthi umufi waklinywa ngoba ubenezibazi entanyeni.

Izolo umphakathi waseDokodweni ubunemashi ngenxa yalesi sigameko. Umphakathi obusungenelele ekuthungatheni umufi, uhlele le mashi ukulwa nezigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane. Lesi sigameko sishiye umphakathi ushaqekile njengoba kuthiwa nomsolwa ngowakhona endaweni. Kuthiwa umsolwa uyafunda kodwa uke waboshwa phambilini wabuye wadedelwa.

Imashi iqale ngaseDokodweni Toll gate, yaphelela eduze kwasekhaya lika-Amanda.