UNGQONGQOSHE wezeziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni uthi bangaphezu kuka18 million abantu bakuleli abazogcina behlomulile ohlelweni lukaR350 wokubonelelwa kwabangasebenzi kuleli File picture: Pixabay UNGQONGQOSHE wezeziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni uthi bangaphezu kuka18 million abantu bakuleli abazogcina behlomulile ohlelweni lukaR350 wokubonelelwa kwabangasebenzi kuleli File picture: Pixabay
BEVILE ku-18 million abantu bakuleli abazothola imali yesibonelelo sesikhashana sikahulumeni esizobasiza kulesi sikhathi sokuhlasela kweCovid-19.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke uMnuz Tito Mboweni ngoLwesithathu, ngesikhathi ethula isabelomali esiyisipesheli.
UMboweni uthe bangu-1.5 million asebethole isibonelelo esisha, wagcizelela ukuthi senzelwe abantu obangaholi mali, kwenye indawo.
“Ukuxhasa abathembele kulesi sibonelelo, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi wabelwe imali enguR25.5 billion eyengeziwe emalini enguR41 billion eyabelwe lo mnyango ukubhekana nesimo,” kusho uMboweni.
Ivikela isinqumo sokwehliswa kwemali okuthiwa yasuswa kuR50 billion yaya kuR41 billion ebhekele uhlelo lwezibonelelo, iNhloko yoMnyango ehhovisini loMgcinimafa uMnuz Dondo Mogajane, ithe ihhovisi belibheka izinsiza ezisetshenziswayo kubhekwa nemali okumele ichithwe ngazo.
UMengameli Cyril Ramaphosa wamemezela ukuthi inguR500 billion ebekelwe ukubhekelela abakhahlanyezwe yigciwane. Waphinde wadalula ukuthi abantu abangasebenzi futhi abangahlomuli esikhwameni esibhekelele abangasebenzi, bazothola isibonelelo sikaR350 ngenyanga, kuze kuphele izinyanga eziyisithupha.
Leli hhovisi lithi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ubusagxile ekuhleleni imihlangano lizama ukuthola indlela engasetshenziswa ukuze imali ifinyelele kubantu, lathi yikho okwenze abanye abafake izicelo, bangayitholi ngokushesha.
“Uhulumeni uhlose ukusebenzisa imali ngendlela elungile, ” kusho leli hhovisi.