Izindaba

Bashaya amakhala ngesabelomali

Nonthuthuko Ngubane|Published

UNGQONGQOSHE weziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni izolo oveze ukuthi uhulumeni usazodinga ukuboleka ezinye izigidigidi zamaranda ukumela nomonakalo odalwa yiCovid-19 emnothweni. Isithombe: GCIS UNGQONGQOSHE weziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni izolo oveze ukuthi uhulumeni usazodinga ukuboleka ezinye izigidigidi zamaranda ukumela nomonakalo odalwa yiCovid-19 emnothweni. Isithombe: GCIS

KUKHONA abashaya amakhala ngesabelomali esithulwe nguNgqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni izolo. Abe-IFP nabeCosatu bathi kuningi okusamele kubhekisiswe ngesimo sezimali kuleli.

I-IFP ithe ayigculisekile ngesabelomali sikangqongqoshe njengoba eshiye izinto eziningi, zilenga.

Inkosi Mzamo Buthelezi, eyiPhini likaMengameli we-IFP futhi ekhulumela izindaba zezimali namabhizinisi kahulumeni eqenjini, kwisitatimende esithumele abezindaba izolo ithe: “UMboweni akazange enze izimemezelo ngamabhizinisi kahulumeni okwenza kube nokuqagela okuningi. Ikusasa lakuleli lincike ekutheni abantu abaphethe baqede inkohlakalo, kwenziwe ngcono ukuphathwa kwemali. Kumele kuqikelelwe ukusetshenziswa kwemali yabakhokhi bentela.”

Yize kunjalo kodwa uButhelezi uthe bayakuncoma ukutshalwa kwemali ekulethweni kwamanzi, ukuthuthwa kwendle nokwakhiwa kwengqalasizinda yezokuthuthwa komphakathi.

Omele iCosatu ePhalamende uMnuz Matthew Parks, ekhuluma ne-eNCA uthe: “Inkinga ukuthi imali engaphezu kuka-10% wesabelomali ilahleka ngenxa yokukwabanisa.

“Uma bengaveza iqhinga lokuqeda inkohlakalo kungangcono. Sinabaphathi abahola imali enkulu kodwa uhulumeni ukhala ngokuthi akanayo.”

UParks uthe kufana nokuthi umnotho usegumbini labagula kakhulu.

Wathi kumele kusungulwe amathuba omsebenzi ukuze abakuleli basize usimame.