Izindaba

UStayela usizwe ukuqhumisa isibhamu "ehlaselwa" ngabadayisa amaCD awumbombayi

Charles Khuzwayo|Published

UMCULI kamaskandi, uStayela "Ithwasa Lamangwane" Khanyile usizwe ukuqhumisa isibhamu ehlaselwa ngabantu ebebedayisa umculo owumkokotelo edolobheni laseMpangeni UMCULI kamaskandi, uStayela "Ithwasa Lamangwane" Khanyile usizwe ukuqhumisa isibhamu ehlaselwa ngabantu ebebedayisa umculo owumkokotelo edolobheni laseMpangeni

UMCULI kamaskandi, uStayela "Ithwasa Lamangwane" Khanyile usizwe ukuqhumisa isibhamu ehlaselwa ngabantu ebebedayisa umculo owumkokotelo edolobheni laseMpangeni izolo. UStayela, owaqala ukwaziwa ngokufana ncamashi neNdidane, uthe ubebuyela kubo izolo ntambama.

"Ngidlulele nje kwemye indawo ngazithela ebafaneni bebophe lo mculo wethu, kwangehlula ukuthula. Ngamisa imoto ebesihamba ngayo. Angilwanga, angenzanga lutho kodwa ngibuze nje ukuthi kungani benza lento, nokuyilapho bevele balwa. Savika imimese," kuchaza yena. Uthe isimo sishubile impela njengoba naye elimalile kulesi sigameko. 

"Okusisizile ukudubula emoyeni ngoba bebelwa nathi." 

Uthe kuthe sekukubi kakhulu babiza amaphoyisa aseMpangeni. 

Amaphoyisa afike abathatha nalaba bafana abebelwa nabo, bayiswa esiteshini samaphoyisa.

"Sihlale cishe amahora ambalwa, sabe sesidedelwa-ke thina. Ngikahle nje. Anginankinga, angiboshwanga. Nina enithanda Inyamazane (okuyigama abuye aziteketise ngalo) ningakhathazeki manje. Akwenzekanga lutho, ngithe nje ukuthinteka, nakho futhi okungatheni. Ngisekhaya kumanje."

Ubonge kakhulu emaphoyiseni aseMpangeni futhi wacela kuhulumeni ukuba aqinisekise ukuthi bonke abakokotela umculo wabo bayaboshwa ngoba badla amandla abo.

Yize uStayela ethi afikile amaphoyisa abayisa esiteshini samaphoyisa kodwa wona aphike alala ngomhlane. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe "Sixhumanile namaphoyisa aseMpangeni, akukho kuboshwa kwalolo hlobo okwenzekile." 

Akukhona okokuqala kuhlaselwa abaculi belwela amandla abo. UMzwakhe Mbuli bahlaselwa nabo eGoli kwathi noPhuzekhemisi noMfiliseni basinda ngokulambisa behlaselwa esteshini sesitimela esiseBerea, eThekwini. Umculi wokholo uLusanda Mcinga walimala ezindlebeni eshaywe ngabanye abadayisi  ayebafice nomculo wakhe owumkokotelo.