UNK Thembi Maphumulo waKwaNdengezi okusolwa ukuthi wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuthi abulawe UNK Thembi Maphumulo waKwaNdengezi okusolwa ukuthi wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuthi abulawe
UMNDENI wowesifazane isidumbu sakhe esitholwe silahlwe ehlathini elisemgwaqweni uStockville eduze kwaseGiba Gorge, ufuna kuboshwe abasolwa ukuze bachaze ngabakwenzile.
UNksz Thandeka Maphumulo (26), waKwaNdengezi kusolwa ukuthi wadlwengulwa wabulawa.
Waduka ngoJuni 7.
Isidumbu size sahlonzwa wumndeni ngoMsombuluko. Bebemfuna bengamtholi.
Ubabekazi kamufi uNksz Ntozakhe Maphumulo, uthe ngabe kungcono ukuthi bamdlwengula bamshiya kunoma bambulale ngoba izingane zakhe sezisele zodwa.
“UThandeka wahamba beyolanda amafoni. Kwaba khona imoto eyamthatha eyayishayelwa abantu angabazi. Lokhu kwenzeka ngoMgqibelo ngoJuni 6. Icala asilivulanga ngoba sasizitshela ukuthi uzobuya ngoJuni 7. Saya emaphoyiseni savula icala ngoba sibona engasabuyi. Sizwe ngomseshi waKwaNdengezi kuthiwa kukhona intombazane okuzwakele ukuthi itholwe emakhazeni. Saya emakhazeni sathola ukuthi nguyena. Sidumele ngendlela abambulele ngayo, isihluku esimangalisayo. Sizwe kuthiwa baqala ngokumdlwengula. Sifuna batholakale laba bantu ukuze bachaze. Babengeke bamdlwengule bese bembeka emgwaqweni, bamshiye ephila? Lezi zingane sezizokhula zingenaye unina,” kusho uNksz Maphumulo.
Izingane zikamufi zineminyaka eyisishiyagalombili neyisihlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe: “Isidumbu satholwa yilungu lomphakathi elaliya emsebenzini. Umufi wayegwazwe inqwaba yamanxeba. Umndeni kamufi waseKoffie Farm, KwaNdengezi, uthole ukuthi yilungu lawo. Lo mndeni wawuvule icala lokulahleka kwakhe ngoJuni 7 nonyaka.”
Isidumbu satholwa ngawo uJuni 7 kwabikelwa amaphoyisa aseMariannhill.
Kukholakala ukuthi wabulawa kwenye indawo, isidumbu sakhe salahlwa ngakwiToll Plaza.