ABAMATEKISI bathi uxhaso lukaR5 000 lukahulumeni, luncane kakhulu uma kuqhathaniswa nokulahlekelwa ababe nakho njengoba izwe livalelwe ukulwa necoronavirus bengavunyelwe ukuthi bagcwalise amatekisi Isithombe: Jacques Naude/African News Agency(ANA) ABAMATEKISI bathi uxhaso lukaR5 000 lukahulumeni, luncane kakhulu uma kuqhathaniswa nokulahlekelwa ababe nakho njengoba izwe livalelwe ukulwa necoronavirus bengavunyelwe ukuthi bagcwalise amatekisi Isithombe: Jacques Naude/African News Agency(ANA)
ABAMATEKISI bathi ngeke balwamukele uxhaso lukahulumeni lukaR5 000 olumenyezelwe wuNgqongqoshe wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula ngoLwesihlanu.
Bathi le mali yincane kakhulu ngoba isazoncozulelwa nabanye okubalwa kubo umshayeli wetekisi, abenza umsebenzi wokulawula imigqa emarenki, abama-Uber nabanye.
UMbalula umemezele ukutakula le mboni ngoR1.135 billion, wathi itekisi ngayinye izothola uR5 000.
Izolo iSouth African National Taxi Council (Santaco) iluchithile lolu xhaso. Bathi aluzobasiza ngalutho uma uqhathanisa ukulahlekelwa ababe nakho ngesiikhathi sokuvalwa thaqa kwezwe ngenxa yeCovid-19.
Ngesikhathi uMbalula ethula lolu xhaso ukuvezile ukuthi ngesikhathi benemihlangano nabemboni yamatekisi, bebefuna uhulumeni abatakule ngoR20 000 itekisi ngayinye, wathi kube nzima kuhulumeni ukuthi akwazi ukumelana naleso siphakamiso.
Uthe uma bebezokwenza lokho, bekuzosho ukuthi uhulumeni akakhiphe uR20 billion uhulumeni angenawo.
UMbalula ukugcizelele ukuthi lolu xhaso aluhlangene nokunxeshezelwa kwabamatekisi ngenxa yokulahlekelwa yimali ngesikhathi izwe livaliwe.
Okhulumela iSantaco, uMnuz Thabiso Molelekwa uthe le mboni ilahlekelwe kakhulu ngesikhathi sikathaqa. Imali abasizwa ngayo wuhulumeni yincane kakhulu.
Uqhube wathi uma bebala nalowo R5 000, uma usuncuziwe, umnikazi wetekisi uzogcina ethole uR2 8000.
"Sizobuyela kuMbalula ngesonto elizayo siphinde sibeke etafuleni okuyizidingo zethu," kusho uMolelekwa.
UMbalula uthe uxhumanile nekomidi elengamele konke okuthinta iCovid-19, iNational Coronavirus Command Council, emesekile ngokuthi athathe lesi sinqumo sokuxhasa imboni yamatekisi.
Ngesonto eledlule ososeshini abaningi bamemezele ukuthi bazokhuphula imali yokugibela. Abanye babethe izikhuphuka ngoR7, okuyinto eyenze abagibeli bathwala izandla ekhanda.
Kodwa abaningi babuye bakumisa lokhu njengoba kuvele izindaba zokuthi kukhona uhulumeni eza nakho okuwuxhaso lwembooni yamatekisi.
UMbalule ukugxekile ukwenyuswa kwemali ngalolo hlobo, wathi uma kwenzeka, sekomele le mboni ibhekane nezinhlaka ezifanele ezifana noCompetition Commission.