Abasolwa abayisikhombisa bavele eJohannesburg Specialised Commercial Crimes Court kulandela ukuboshwa izolo ekuseni ngemuva kophenyo oludonse iminyaka emibili ngokudliwa kwezigidi zamarandi eVBS Mutual Bank Abasolwa abayisikhombisa bavele eJohannesburg Specialised Commercial Crimes Court kulandela ukuboshwa izolo ekuseni ngemuva kophenyo oludonse iminyaka emibili ngokudliwa kwezigidi zamarandi eVBS Mutual Bank
BAPHIKE balala ngomhlane abasolwa abayisikhombisa ababoshwe ngezinsolo zokutamuza imali yebhange iVBS Mutual Bank, engaphezulu kukaR2 billion ukuthi bayathinteka emacaleni ababekwe wona enkohlakalo ngesikhathi beqala ukuvela enkantolo ngoLwesine.
Abasolwa abayisikhombisa bavele eJohannesburg Specialised Commercial Crimes Court kulandela ukuboshwa izolo ekuseni ngemuva kophenyo oludonse iminyaka emibili ngokudliwa kwezigidi zamarandi kuleli bhange ebelizinze eLimpopo.
Kwababoshiwe kuvele owayeyisikhulu saseVBS, u-Andile Ramavhunga, owayeyisikhulu esiphezulu sebhange uPhophi Mukhodobwane, umgcinimafa uSipho Malaba, owayengumcwaningi mabhuku waseKPMG phambilini, kuboshwe noLieutenant-General Avhsahoni Ramikosi, obengumqondisi kanye no-Ernest Nesane noPaul Magula bobabili abebemele iPublic Investment Corporation (PIC) bengabaqondisi bebhodi.
UPhilip Truter, owayiyonhloko yezimali kuleli bhange akavelanga enkantolo ngoLwesine njengoba esazivalele ngenxa yeCovid-19. Umshushisi u-Adv Hein van der Merwe uthe uTruter uzovela enkantolo ngesonto elizayo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/VBSArrests?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#VBSArrests: The accused arrive in the dock, in order: Tshifhiwa Matodzi (chair); Andile Ramavhunga (CEO); Phophi Mukhodobwane (treasurer); Sipho Malaba (KPMG); Avhsahoni Ramikosi (non-exec director); Ernest Nesane and Paul Magula (PIC reps). pic.twitter.com/kIMgpimxcN
— Khaya Sibulele Koko © (@khayakoko88)
Bonke abamangalelwa bathe ngeke bawavume aamacala awu-47 ababekwe wona okubalwa kuwo inkohlahlakalo, ukweba nokushusumbisa izimali. Basolwa ngokuwisa bhu phansi ibhange ngokweba imali ebalelwa ku-R2.7 billion ngo-2017.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/VBSArrests?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#VBSArrests: Lieutenant-general Ramikosi's lawyer rises to read his client's affidavit. He is a former top cop in the national SAPS's finance department.
"I will tender a plea of not guilty should the matter go to trial. I'm confident that I will be acquitted of all charges."
— Khaya Sibulele Koko © (@khayakoko88)
Kuvela ukuthi imali yasebhange yayitamuzwa abasolwa bebodwa, okwadala ukuthi abatshali zimali, iningi labo okungabantu abakhulile baseLimpopo, balahlekelwe yizimali.
Ngesikhathi evela enkantolo ngoLwesine ukhale ngokungabi namali njengoba ukuphenywa kwakhe ngalawa macali kumqedele umsebenzi, kodwa wathi uzolinqoba leli cala.
"Ngizowaphikisa amacala engibeke wona. Ngifuna ukuvezela inkantolo ukuthi ngimsulwa," kusho uMatodzi encwadini efundiwe enkantolo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/VBSArrests?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#VBSArrests: Magula's lawyer rises to read his client's affidavit. Magula also worked at the PIC and was a non-executive director at VBS.
He says he is currently unemployed after the PIC dismissed him "for general work underperformance".
— Khaya Sibulele Koko © (@khayakoko88)
URamavhunga naye uhambe emazwini akhe ethi umsulwa. Uthe uR15 million asolwa ngokuwuthola ngokungemthetho empeleni imali ayeyikhokhelwa yiVBS ngomsebenzi owenziwa ngenye yezinkampani zakhe.
"Ngiyakuphika ukuthi ikhona inkohlakalo engayenza eVBS," kusho uRamavhunga.
The accused arriving in the dock: Tshifhiwa Matodzi (former VBS chairman); Andile Ramavhunga (former VBS CEO); Phophi Mukhodobwane (Former VBS treasurer); Sipho Malaba (KPMG); Avhsahoni Ramikosi (non-executive director); Ernest Nesane and Paul Magula (PIC representatives). Video: Khaya Koko
Owayengumgcinimafa uMukhodobwane ukhalazile ngesamba sikaR100 000 sebheyili, wathi angakwazi kuphela ukukhokha uR20 000 ngoba akasebenzi kulandela ukuvalwa kweVBS.
"Ngiyayethemba ingalo yomthetho eNingizimu Afrika futhi ngimsulwa kumacala engibekwe wona. UR100 000 kodwa kimina uzozifanela nokunqatshelwa ibheyili," kusho uMukhodobwane.
Owayengumcwaningi mabhuku eKPMG, uMalaba, nguye owaphasisa umbiko wezimali webhange iVBS ngo-2017. Enkantolo uthe engakwazi kuphela ukuthola uR10 000 ngosizo lwabangani nezihlobo.
UMagula, owayesebenzela iPIC yena uthe engakwazi ukubeka uR15 000 webheyili ngoba uyahluleka ukuthola umsebenze selokhe axoshwa kwiPIC.
Icala lisaqhubeka