Izindaba

UMkhize uthi zisazokwanda izibalo zabasazohaqeka nabazoshona kuleli

Siyabonga Mkhwanazi|Published

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, uthi kusazofiwa kakhulu kuleli Isithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA) UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, uthi kusazofiwa kakhulu kuleli Isithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA)

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt  Zweli Mkhize, uxwayise izwe ukuthi lilindele ukunyuka kakhulu kwesibalo sabashonayo nabahaqwa yiCovidi-19. 

UMkhize ubeNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNkk Lindiwe Zulu, egxeke ukwanda kwezibalo zodlame lobulili oseludlule nenqwaba yabantu besifazane kulezi zinsuku ezedlule. 

UMkhize noNkk Zulu bathule ikomiti lokweluleka ongqongqoshe ngokuziphatha komphakathi namhlanje. Umsebenzi walo omkhulu ukunciphisa isibalo sabantu abahaqwa yigciwane leCovid-19. 

Uthe kuzosuka manje ukuthembela kwabezokugcinwa komthetho kodwa kuthenjelwe emphakathini ekwenzeni okudingekayo ukuze kuvikelwe abantu.

Uthe bekulokhu kuwumzabalazo ezinyangeni ezedlule selokhu kwabika ngesehlakalo sokuhaqeka komuntu wokuqala kuleli ngoMashi kodwa lempi entsha idinga abantu abasha okuzobanjiswana nabo ukunciphisa isibalo. 

Yize sekuvulwe umnotho, uthe kodwa balindele ukwenyuka kwesibalo sabahaqekayo nabashonayo. 

"Singajikela isitha. Njengezwe singakunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. Siyakuqonda ukuthi igciwane lenze muphi umonakalo emikhakheni eminingi yomphakathi futhi lisaqhubeka. Nomthelela wesimo somnotho uyezwakala ngezindlela eziningi, njengokwanda kodlame lobulili noma utshwala nosizi.Njengabantu baseNingizimu Afrika asikwazi ukucasha ngesithupha. Umhlaba wonke ubhekene nesimo esikuso.... Njengoba esho uMengameli wezwe ukuthi 'Ningizimu Afrika...kusezandleni zenu." 

UNkk Zulu uthe ngeke baze bayihlabe inhlali ekubeni abantu besifazane bebulawa ngobuningi. UTshegofatso Pule (28), obenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe, wagwazwa futhi walengiswa esihlahleni eRoodepoort. 

UNaledi Phangindawo (25), wagencwa ngokusolwa ukuthi yisoka lakhe eMossel Bay, eWestern Cape. Likhona nelinye idlanzana nabesifazane elibulawe nakwezinye izifundazwe selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe. 

UNkk Zulu uthe impi yodlame lobulili lidinga ukuliwa kuyo yonke indawo. Ube esenxusa amalungu omphakathi ukuba akhulume uma bazi ngabantu besifazane nezingane abahlukunyezwayo. Uthe yize izwe likungethwe iCovid-19 kodwa abantu besifazane babhekene nengcindezi yokuhlukunyezwa. Kunemizamo eyenziwayo ukukhuluma nokuhlonza amadoda ahlukumezayo nabulala abantu besifazane. Uthe yimpi okufanele iliwe kuze kuphele lolu dlame emphakathini.