UMHOLI weEFF, uMnuz Julius Malema uthi akuvalwe ukudayiswa kotshwala kuleli ukuze kuliwe kahle nomkhuhlane obulalayo icoronavirus Isithombe: Peter Nicholls/Reuters UMHOLI weEFF, uMnuz Julius Malema uthi akuvalwe ukudayiswa kotshwala kuleli ukuze kuliwe kahle nomkhuhlane obulalayo icoronavirus Isithombe: Peter Nicholls/Reuters
UMHOLI weEFF, uMnuz Julius Malema usejoyine abathi akuvalwe ukudayiswa kotshwala kuleli lizwe kulesi sigaba sokuvalwa kwezwe ukuze kuliwe ngempumelelo negciwane elibulalayo, iCovid-19.
UMalema usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngosuku lokugubha intsha yango1976, kwirally yaleli qembu ebeyenziwa ngobuchwepheshe.
Uthi utshwala buzokwenza ukuthi izibhedlela zingakwazi ukumumatha umthamo wabantu abadinga usizo lwezempilo uma sebehaqwe yicoronavirus.
Uchaze ukubhebhetheka kwaleli gciwane njengento eyesabisayo uma ubuka izibalo ziqombola nsuku zonke njengoba isibalo sababulawe yilolu bhubhane sesiyoshaya ko-2 000.
“Ukwengeza usawoti esilondeni, uMengameli Cyril Ramaphosa uvele wakhetha ukuvulela ukudayiswa kotshwala ezweni okwaziwa kahle kulona ukuthi linabantu okuthi uma sebephuzile, bashayane kwande nabantu abamukelwe ezibhedlela ngenxa yodlame olususwa wukuthi baphuze utshwala,"usho kanje.
Uthe izinqumo ezinje zihambisana nobudedengu. Okunye okubi uthe wukuthi sekubonakele vele ukuthi ezempilo zibhekene nengwadla, kumele engabe wonke umuntu uyalekelela ekutheni kuliwe naleli gciwane elikhungethe umhlaba wonke.
UMalema uthe njengamanje izibhedlela zibhekene nenkinga yokuthi kumele zibhekane nabantu abalimazene ngenxa yotshwala, baphinde babhekane nabantu asebehaqwe yiCovid-19.
Ubalule isibhedlela iGroote Schuur eCape Town, njengesithwele kanzima njengoba kusukela ngoJune 1, sande ngendlela emangalisayo isibalo sabantu okuye kwadingeka bamukelwe yilesi sibhedlela egumbini labaphuthumayo selokhu kwavulwa ukudayiswa kukatshwala.
“NaseChris Hani Baragwanath kubikwe ukuthi ziphindaphindiwe izibalo zabantu abaphuthunyiswa kulesi sibhedlela kulandela ukuvulwa kukatshwala".
Uthe unobufakazi bokuthi inqwaba yabantu abangeniswa kulesi sibhedlela ababenenkinga esukela otshwaleni okubalwa ababa sezingozini zezimoto, ukuhlukunyezwa emakhaya, nokushayana," kusho uMalema.
Usole uRamaphosa ngokungabi namgogodla okwenze ukuthi abeke engcuphezi izimpilo zabantu bakuleli.