Izindaba

Uhulumeni akaqede ngezikweletu zentsha esaqala ukusebenza nengasebenzi: Cosatu

Samkelo Mtshali|Published

INTSHA esiyiphothulile imfundo ephakeme ngesikhathi ibhikisha eThekwini ngo-2018 ikhala ngokungawutholi umsebenzi. Isithombe: Gcina Ndwalane INTSHA esiyiphothulile imfundo ephakeme ngesikhathi ibhikisha eThekwini ngo-2018 ikhala ngokungawutholi umsebenzi. Isithombe: Gcina Ndwalane

INYUNYANA iCosatu isinxuse ukuthi uhulumeni, amabhange kanye nezikhungo zemfundo ephakeme bahoxise izikweletu zentsha esuke isaqala ukusebenza. 

ICosatu ibeke lesi siphakamiso onyakeni wesi-44 kugujwa usuku lwentsha yango-1976 eyalwa nemfundo yobandlululo eSoweto. 

Okhulumela iCosatu uMnuz Sizwe Pamla uthe intsha yakuleli ibhekene nokuntuleka kwamathuba omsebenzi, futhi negciwane iCoronavirus elidale ukuthi kuvalwe izwe, lishaya kakhulu intsha ngokomnotho. 

UPamla uthe nonyaka usuku lwentsha kumele lusetshenziswe njengethuba lokubheka izindlela zokulungisa izinkinga ezishubiswe kakhulu ukuvalwa kwezwe ngenxa yobhubhane. 

"Sifisa ukubona uhulumeni elekelelela inqwaba yentsha ethi iqala ukusebenza ibhekane nentaba yezikweletu ezithole isaphothula imfundo. Cishe u-41% wale ntsha ihleli emakhaya ibuka ikusasa lishabalala ngenxa yokungawutholi umsebenzi nezikweletu. Sekuyisikhathi sokuthi amabhange, uhulumeni nezikhungo zemfundo ephakeme babuyekeze indaba yezikweletu zokufunda kubantu abasaqala ukusebenza nabantu abangawutholi umsebenzi," kusho uPamla. 

ABALELWA ku-25 000 amathuba omsebenzi amasha adalekayo minyaka yonke eNingizimu Afrika. Lesi sibalo siyakhathaza njengoba bebalelwa ku-698 000 abantu abangena embonini yokusebenza besuka ezikhungweni zemfundo ephakeme minyaka yonke kuleli. Isithombe esigciniwe: Dumisani Dube

UPamla uqhube wathi bafuna ukwazi ukuthi selukuphi uhlelo lweYouth Employment Scheme (YES), Employment Tax Incentive Scheme athe kokubili sekuhlulekile ukulekelela ekwandiseni amathuba omsebenzi. 

Uthe lezi zinhlelo sekuphele iminyaka zasungulwa kodwa isibalo sabantu abangasebenzi kuleli asibi ngcono.

"Sidinga umbiko ozoveza imali ekhishelwe izinkampani, siqhathanise nesibalo sabantu abathola amathuba okusebenza," kusho uPamla.