Izindaba

UZuma ukhala ngokusetshenziswa kwabamnyama kuleli "njengamathuluzi abamhlophe"

Sihle Mavuso|Published

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma osezwakalise ukuphatheka kabi ngokusetshenziswa kwabantu abamnyama "njengamathuluzi abamhophe" Isithombe: DUMISANI DUBE/ANA OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma osezwakalise ukuphatheka kabi ngokusetshenziswa kwabantu abamnyama "njengamathuluzi abamhophe" Isithombe: DUMISANI DUBE/ANA

OWAYENGUMENGAMELI kuleli uMnuz Jacob Zuma, uthe kumphatha kabuhlungu ukubona abantu abamnyama besetshenziswa “njengamathuluzi abantu abamhlophe” kuleli.

Lokhu uZuma ukusho enkulumweni eqoshiwe okulindeleke ukuthi idedelwe kusasa ngoJuni 16 okuwusuku lomgubho wentsha kuleli.

Kwesinye seziqephu zenkulumo kaZuma, kukhona lapho ekhuluma khona ngabantu abamnyama abayizifundiswa abasola ngokusebenzisana nabamhlophe ukulwa lezi zimpi.

Kukholakala ukuthi le nkulumo iqoshwe emzini kaZuma oseDurban North, okuwumuzi athathela kuwo unhlalaphansi wakhe.

Owokuqala ukudalua lezi zindaba kube nguNkk Duduzile Zuma-Sambudla oyiwele lika Duduzane Zuma, opotshoze le video ku-Twitter engakapheleli, edlala imizuzwana engu-38, ube esebhala wathi: “Imininingwane ephelele izodedelwa ngoJuni16.”

Kusukela ngeSonto le ngxoxo engaphelele kaZuma, ithole ukuthakaselwa abantu ngendlela yokuthi kade isithole ukubukwa abantu ababalelwa ku-20 000.

Iphinde yathunyelwa kwabanye abantu kuTwitter izikhathi ezingu-622, yathandwa futhi abantu izikhathi ezingu-1587.

Ngaphezulu kwalokho, kunabantu abangu-800 abesebephawulile ngayo.

Lokhu kushiye imibuzo ngokuthi yini lena uZuma afuna abantu bamkhumbule ngayo selokhu aqala engumengameli kuleli kusukela ngo-2009 kuya ku-2018 okuwunyaka ashiya ngawo esikhundleni sokuba ngumengameli wakuleli.

Yikule video lapho uZuma ekhala khona ngendlela abantu abamnyama ababuye baziphathe ngayo kwezinye izikhathi.

“Kodwa kukho konke lokhu okwenzekayo, umuntu oshayekayo ingane yom'Afrika, okuyinto enginikeza inkinga yokubona abantu abangama Afrika abangodokotela, oSolwazi kodwa abasacabangisa okwabelungu. Yiyona nkinga enginayo leyo, okungekona ukucabangisa okwabamhlophe kuphela kodwa ukuba amathuluzi abamhlophe. Leyo nto iyangibulala,” ucashunwe esho kanje uZuma kule video.