UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa KwaBantu neNhlanzeko kuleli, uNkk Lindiwe Sisulu uthe izindlu zemixhaso zifike ngesikhathi esifanele emphakathini ohlala emijondolo yaseMogale City eGauteng njengoba sekuqale amakhaza asebusika Isithombe: JAIRUS MMUTLE/GCIS UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa KwaBantu neNhlanzeko kuleli, uNkk Lindiwe Sisulu uthe izindlu zemixhaso zifike ngesikhathi esifanele emphakathini ohlala emijondolo yaseMogale City eGauteng njengoba sekuqale amakhaza asebusika Isithombe: JAIRUS MMUTLE/GCIS
KUZOHLOMULA imindeni ebalelwa ku-1 500 ehlala emijondlo ngezindlu zemixhaso ezinekelwe emphakathini ohlala kumasipala iMogale City eGauteng kulandela ukungenelela kukaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuleli, uNkk Lindiwe Sisulu.
Ethula ngokusemthethweni lezi zindlu ngeSonto, uNkk Sisulu uthe bangu-12 000 sebe bonke abantu okulindeleke ukuthi bahlale kule ndawo.
Uthe lezi zindlu zifike ngesikhathi esihle kulo mphakathi ohlomule ngazo, kwazise namakhaza asebusika aseqalile ukuzwela kakhulu.
“Ngethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzokuba nezikole nesiteshi samaphoyisa kule ndawo,” kusho uNkk Sisulu.
Ngokusho kwakhe, uhulumeni usekwazile ukwakhela abantu izindlu zamahhala ezingu-4.7million kusukela ngo-1994 okwaqala ngawo ukuphatha kukahulumeni wentando yabantu kuleli.