Izindaba

Akundali kuzofiwa ezitolo zakuleli maduze nje: ungoti

Karishma Dipa|Published

IZITOLO zakuleli zizophoqeleka ukuthi zishaye indali inqwaba yezimpahla zokugqoka ngenxa yesikhathi eside esihlaliwe kungadayiswa esigabeni esedlule sokuvalwa kwezwe Isithombe: Kathy Willens / AP IZITOLO zakuleli zizophoqeleka ukuthi zishaye indali inqwaba yezimpahla zokugqoka ngenxa yesikhathi eside esihlaliwe kungadayiswa esigabeni esedlule sokuvalwa kwezwe Isithombe: Kathy Willens / AP

ABATHENGI bakuleli bangase babe senhlanhleni njengoba kulindeleke ukuthi izitolo ikakhulukazi ezezimpahla zokugqoka, ziphoqeleke ukuthi zidayise ngamanani aphansi. Lokhu kusho ukuthi akuzoba nandali kuzofiwa ezitolo zakuleli maduze nje.

Lokhu kudalwa wukuthi sibe side isikhathi lezi zitolo zivaliwe ngenxa yeCovid-19, okwenze zaba ningi izimpahla ezingadayiswanga.

Izitolo elinye iphephandaba eliwuzakwabo waleli okukhulunywe nazo, zinqabile ukuphawula ngalokhu. Kodwa uChris Gilomor oyi-Investment Analyst uthe izitolo eziningii zizophoqeleka ukuthi zenze izinto ebezingahleliwe ukubhekana nokuthi ikusasa alaziwa kulesi sikhathi seCovid-19.

“Kuyinto ejwayelekile ukuthi izimpahla ezingadayisile zifakwe endalini ukuze zisuswe esitokweni kutholakale nemali ezithengwe ngayo,"usho kanje.

File image: African News Agency (ANA)

Umbiko owenziwe abeWorld Economic Forum (WEF) kuleli sonto, uveze ukuthi ukudayiswa kwezimpahla zokugqoka kwehle ngo89% ngoEphreli uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule ngesikhathi esifanayo.

Impahla bathi imbondelene ezitolo nakumaWarehouse, ngisho nezindawo okugcinwa kuzo izimpahla ezisuke zizoyiswa kwamanye amazwe kugcwele kuyachichima.

Kungenzeka futhi eziinye izitolo zezimpahla ziphoqeleke ukuthi zigcine zivala thaqa ngenxa yalokhu.

UGilmour uthe akukho sitolo esizokwazi ukuthi sibhekane nale nkinga ngaphandle kokuthi sishayele emalini.

File image: African News Agency (ANA)

Inkampani i-Edcon Holdings Ltd, ingezinye zezinkampani eseziphumele obala zaveza ukuthi zisenkingeni yezimali, zaveza nokuthi zizovalwa ngenxa yalokhu.

Kulesi sonto nje kube nesiphakamiso sale nkampani ukuthi sidayise u-Edgars, Jet noThank U Digital Services.

Le nkampani iveze ukuthi izama ukuhlela kabusha inkampani ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga ebhekene nazo njengamanje.

UGilmour uchazile ukuthi izinkinga zakwa-Edcon, kungenzeka ukuthi zibhebhethekiswe wukuqubuka kwecoronavirus.

Uthe nokuthenga ngobuchwepheshe bokusebenzisa i-online shopping akusizi kangako kuleli njengoba abantu abaningi bencamela ukuziyela bona ezinxanxatheleni zezitolo.

"Kubantu abaningi kubalulekile ukuthi baphume emakhaya baye ezitolo, kuyingxenye yokuzikhipha,"usho kanje.