UMPHATHI wamaphoyisa omgwaqo eThekwini uthi abaphenyi basezithendeni zabasolwa ngokubulala amaphoyisa omgwaqo uNdumiso Thusi noLindokuhle Madonsela eHammarsdale ngoLwesithathu Isithombe:Doctor Ngcobo / ANA UMPHATHI wamaphoyisa omgwaqo eThekwini uthi abaphenyi basezithendeni zabasolwa ngokubulala amaphoyisa omgwaqo uNdumiso Thusi noLindokuhle Madonsela eHammarsdale ngoLwesithathu Isithombe:Doctor Ngcobo / ANA
ABABULALE amaphoyisa omgwaqo amabili eDurban Metro Police eHammarsdale, bazoboshwa maduze nje. Usho kanje uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele.
UNdumiso Thusi, 24,noLindokuhle Madonsela, 36, abebesebenzela eThekwini eBeach Front, babulawe besendleleni eya emsebenzini ngesikhathi abantu abangaziwa bevele bevulela ngenhlamvu bebhekise emotweni abebehamba ngayo.
UCele izolo uvakashele umndeni wakwaMadonsela elokishini iMpumalanga ngaphambi kokuthi alibangise eBhamshela ngaKwaMaphumulo nalapho ebeoveza khona amehlo emndenini wakwaThusi nakhona okushone iphoyisa eliwuConstable.
Mayelana nephoyisa laseBhamshela, uCele uthe icala lakhona lisingethwe woKlebe, futhi unesiqiniseko sokuthi abenzi obubi bazoboshwa maduze nje.
“Kube amahora awu-24 abe nzima kakhulu ophikweni lweSAPS nasemaphoyiseni omgwaqo iMetro,"kusho uCele.
Iphini lenhloko yamaphoyisa akwaMetro, uMnuz Wiseman Mchunu uthe abaphenyi bathembise ukuthi bazobopha abasolwa maduze nje.
Ngesikhathi ekhuluma ngokubulawa kwamaphoyisa izolo, uCele uphinde wagxeka uphuzo oludakayo, wathi selokhu kuvuliwe ukuthi budayisa benyukile ubugebengu kuleli.
Uze wabala nengozi yeloli eyenzeke eJozini, wathi kunezinsolo zokuthi umshayeli ubebukhile okuyinto ebingeke yenzeke ukube utshwala bebusavaliwe.
Utshwala buvulwe kuleli esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe ngoJune 1.