UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uthi kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuvikela abafundi nothisha kwiCovid-19 kulandela ukuthi kube nothisha okuvele ukuthi baneCovid-19 Picture: Jehran Daniel / African News Agency (ANA) UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uthi kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuvikela abafundi nothisha kwiCovid-19 kulandela ukuthi kube nothisha okuvele ukuthi baneCovid-19 Picture: Jehran Daniel / African News Agency (ANA)
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthi kuzoqiniswa kakhulu ukuhlolelwa iCovid-19 kulezo zikole ezisezindaweni eziyizizinda zecoronavirus ukunqanda leli gciwane ezikoleni.
"Isigungu esiphezulu soMnyango wezeMpilo sinxuse ukuthi kuqiniswe ukuhlolelwa kwabantu icoronavirus ukuze kunqandwe leli gciwane ezikoleni,"kusho uZikalala.
UZikalala ubekhuluma emhlanganweni wezigungu esiphezulu iKZN EXCO namhlanje (ngoLwesithathu).
Uthe bayazi ukuthi kunezikole okumanje zivaliwe ngenxa yokuthi kutholakale iCovid-19 kuzona.
"Sikhathazekile ngokwenyuka kwesibalo sabantu abahaqwe yileli gciwane selokhu izwe lingene esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe, kodwa isigungu esiphezulu siyathobeka nangesibalo sabantu abalulamayo kuleli gciwane. Sifuna ukukugcizelela ukuthi sizinikele ekutheni kungabi khona thisha namfundi ozosuleleka ngaleli gciwane,"kusho uZikalala.
UNdunankulu uthe izinhlelo zime ngomumo uma kwenzeka kuba nenkinga yokuthi kube khona abafundi noma othisha abatheleleka ngaleli gciwane.
"I-Provincial Executive Council iyaqhubeka nokunxusa abantu ukuthi bagqoke izifonyo uma besemphakathini, baqhelelane futhi baqhubeke nomkhuba wokuhlamba izandla ngendlela efanele," usho kanje.
NgoLwesithathu bese kunezinye izikole ezimbili zaKwaZulu-Natal okubikwe kuzo ukuthi ukufunda nokufundisa akuzoqhubeka kulandela ukuthi kube nothisha okutholakale ukuthi baneCovid-19.
Isikole iSavannah Park Secondary eChatsworth sikhiphe izincwadi sicela abazali ukuthi bangazilethi izingane zabo ezikoleni kuze kube baziswa yisikole ukuthi sebengaziletha.
Esinye isikole iDeccan Road Primary eMgungundlovu naso kuye kwadingeka ukuthi sivalwe kulandela ukuthi kube khona uthisha okuvele ukuthi uhloliwe kwatholakala leli gciwane.
Abanye abazali belulekwe ukuthi bayohlola izingane zabo ezikhungweni ezizimele kodwa kuyomele isikole saziswe ngemiphumela.
NgoLwesibili iClairwood Secondary ne-Apollo Secondary nabo bakhiphe izincwadi bazinika abazali mayelana nokuvalwa okwesikhashana kwalezi zikole kulandela ukuthi othisha bakulezi zikole betholwe beneCovid-19.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe basebenzisana noMnyango wezeMpilo ukubhekana nezehlakalo ezifuze lezi.
"Ukuphepha ezikoleni yinto eseqhulwini kithina. Kunemibandela enqala elandelwayo uma kukhona onaleli gciwane esikoleni. Kuze kube manje besisanelisekile ngendlela okwenzeka ngayo ezikoleni,"kusho uMthethwa.