UHULUMENI useveze ukuthi azikho izinhlelo zokuvala kukatshwala njengamanje noma isiqalile ukukhunyelwa phansi eyokuthi bungase buvalwe ezitolo uma liqhubeka nokubhebhetheka ngesivinini igciwane. Isithombe: Courtney Africa/African News Agency(ANA) UHULUMENI useveze ukuthi azikho izinhlelo zokuvala kukatshwala njengamanje noma isiqalile ukukhunyelwa phansi eyokuthi bungase buvalwe ezitolo uma liqhubeka nokubhebhetheka ngesivinini igciwane. Isithombe: Courtney Africa/African News Agency(ANA)
UHULUMENI akekho ezinhlelweni zokuvala ukudayiswa kukatshwala...okwamanje. NgoMsombuluko ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ku-WhatsApp kusabalale izinkulumo eziqoshiwe zabantu bethi utshwala buzovalwa namhlanje.
Ihhovisi likaMengameli wezwe likuchithile lokhu izolo. Okhulumela uMengameli, uNksz Khusela Diko uthe akekho osabeke isiphakamiso sokuthi kuvalwe ukudayiswa kukatshwala kumkhandlu obhekelela ukulwa neCovid-19 kuleli iNational Coronavirus Command Council.
Emaqenjini aphikisayo i-EFF ibalwa nakuphikisayo ukuvunyelwa kokudayiswa kukatshwala. I-EFF yakhalaza ngokuthi lokhu kuzogqilaza abasebenzi basezibhedlela kuphinde kunciphise nesikhala semibhede ezibhedlela ngenxa yezingozi ezihambisana nophuzo oludakayo.
Kujabule abaningi kuleli utshwala bukhuza ibuya kusukela ngoJuni 1 ngemuva kwezinyanga ezimbili bungadayiswa. Ukudayiswa kukatshwala kuleli kuhambisana nokuxegiswa kwemithetho kathaqa njengoba izwe selisesigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe. Utshwala budayiswa kuphela ngoMsombuluko kuya kuLwesine. Abudayiswa ngoLwesihlanu kuya kwiSonto kanye ngangezinsuku ezingamaholidi.
Selokhe ixegisiwe imithetho ethinta ukudayiswa kukatshwala, siqale phansi senyuka isibalo sabantu abangena ezibhedlela belimele. Ngokwephephandaba laseKapa iWeekend Argus, sesiqalile ukwenyuka isibalo sabantu abangena belimele kanzima ezibhedlela ngenxa yezingozi ezithinta utshwala.
Phambilini, okhulumela uMnyango wezeMpilo eWestern Cape uMnuz Mark van der Heever uthe muva nje ngenxa yemithetho kathaqa odokotela bebethola iziguli eziwu-28 emahoreni awu-12. Uthe ngoMsombuluko (Juni 1) kwangena abantu abawu-50 esibhedlela iningi labo belimele ezingozini noma ezimpini ezithinta utshwala.
Uhulumeni nokho usathembise ukuqinisa umthetho kwizitolo ezidayisa utshwala ezizokwephula imithetho ebekiwe waphinda wenxusa abantu ukuthi baphuzele emakhaya.
Kusukela kuvunyelwa ukudayiswa kotshwala ngeledlule, kuvalwe izindawo ezidayisa utshwala eziwu-10 eziphule imithetho KwaZulu-Natal, okubalwa nezidayisa osebudlulelwe yisikhathi.