Izindaba

UMalema ugxeke amaxoki ezinkundleni zokuxhumana odabeni lwe#BackLivesMatter

Jonisayi Maromo|Published

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema obehola umbhikisho weqembu lakhe ngokubulawa kukaMnuz George Floyd eMelika UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema obehola umbhikisho weqembu lakhe ngokubulawa kukaMnuz George Floyd eMelika

UMHOLI we-EFF ngoMsombuluko usole abanye babantu baseNingizimu Afrika ngobuxoki ngokweseka imibhikisho ye-#BlackLivesMatter eqhubekayo emazweni ahlukene emhlabeni kulandela izigameko zokubulawa kwabantu abamnyama ngamaphoyisa amhlophe ezweni i-United States of America (USA). 

UMalema uthe abantu abangasho lutho ngokuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli akubafanele ukujoyina izikhalo ze#BlackLivesMatter. 

"Ngapha nibulala abantu baseZimbabwe, Mozambique, Nigeria nabaseSomali, nibabiza ngamakwerekwere nangamanye amagama ahlambalazayo, kodwa namhlanje niphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi #BlackLivesMatter? Nanikweseka ukubulawa kwabafowenu nodadewenu nisebenzisa ama-hashtag angathi shu nithi #PutSouthAfricaFirst," kusho uMalema obehola umbhikisho we-EFF ngaphandle kwe-embassy yase-US ePitoli ngoMsombuluko ekuseni. 

"Inkinga ebhekene nabantu abamnyama akuyona inkinga yeNingizimu Afrika. Umuntu omnyama uyazondwa kuzo zonke izindawo, ngisho ngabe useChina noma useFrance, yonke indawo. Kunokuthi sithi sibeka iNingizimu Afrika phambili, kumele sithi sibeke i-Afrika nabantu abamnyama phambili kuqala."

UMalema uthe ukucwasa kwabantu abamnyama kusaqhubeka namhlanje ngoba iningi labantu base-Afrika lisagcwele ukungazithandi. 

"Siwumndeni, imingcele sayifakelwa ngenkani. Kumele nikukholwe ukuthi kukhona into okuthiwa yiBotshwana noma iLesotho ngoba imingcele yinto eyakhelwe ekhanda. Nithi #BlackLivesMatter kodwa neseka ukuba khona kwemingcele....imingcele yakhiwa abantu abasidlela umhlaba," kuchaza uMalema obehamba nabaholi be-EFF umgcinimafa uNksz Omphile Maotwe nonobhala-jikelele uMnuz Marshall Dlamini.

Ukubulawa kowesilisa waseMelika uMnuz George Floyd emasontweni amabili edlule kususe imibhikisho ezindaweni ezihlukene emhlabeni abantu bekhalaza ngesihluku samaphoyisa esibhekiswe kubantu abamnyama e-USA.