Izindaba

Ubopha uMbuso owaboshelwa ubala

KHETHA SANGWENI|Published

KWESOKUNXELE wuMnuz Thabani Mpungose weJustice for Prisoners and Detainees Trust , uNksz Jackie Bishop weJV Pritorius and Associates noMnuz Andile Mthimkhulu obopha uMbuso KWESOKUNXELE wuMnuz Thabani Mpungose weJustice for Prisoners and Detainees Trust , uNksz Jackie Bishop weJV Pritorius and Associates noMnuz Andile Mthimkhulu obopha uMbuso

UBOPHA uMbuso uMnuz Andile Mthimkhulu (40), osanda kudedelwa ejele emuva kokudonsa iminyaka eyisishiyagalolunye ngecala lokudlwengula, osekuvele ukuthi akalenzanga.

UMthimkhulu waseB North oLundi, uphume ejele eliseNcome, ngeledlule emuva kokufaka isicelo sokubuyekezwa kwecala

lakhe, kwavela ukuthi umsulwa.

Ubelekelelwa yinhlangano emele amalungelo eziboshwa, iJustice for Prisoners and Detainees Trust ebimsiza ngaphandle kokumkhokhisa imali.

Wayesolwa ngokudlwengula umuntu owuzalo lwakhe kodwa wanganda kakhulu lapho. Ubedonsa isigwebo sikadilikajele kodwa manje usekhululekile.

UMthimkhulu wagwetshwa ngo-2011 eNkantolo yeMantshi KwaNongoma, base bemshova ejele eNcome.

“Ngesikhathi ngiboshwa kwaba buhlungu kakhulu futhi ngangicasukile ngoba ngangazi ukuthi angiyenzanga le nto. Izinhlelo zasejele zangisiza kakhulu ukuthi ngehlise umoya ngemukele isimo ngiqhubeke ngifake isicelo ngilinde,’’ kuchaza uMthimkhulu.

Uthe  wathola ummeli wokuqala owayemfakela isicelo sokubuyekeza icala kodwa wagcina esebaleka engawenzanga umsebenzi nokuyinto eyamzwiswa ubuhlungu kodwa wangaphela amandla.

Ngesikhathi elahlwa yicala wayesebenza esikhumulweni sezindiza esidala saseThekwini, singakashintshi sayokwakhiwa kwenye indawo njengoba sekuyiKing Shaka International manje.

UMthimkhulu uthe akazimisele ngokubuyisela okubi ngokubi kulabo abambophela amanqina enyathi, waze waboshelwa into angayazi kodwa

ufuna ukuqhubeka nempilo yakhe.

Uthe yena nohulumeni bayoze bayochithana, ufuna akhokhe isizumbulu semali ngoba uyiphazamise kakhulu impilo yakhe.

Unxuse ukuthi umndeni namalungu omphakathi amemukele ngezandla ezimhlophe angamcwasi ngoba umsulwa futhi uzimisele ngokuziphatha kahle.

UMnuz Thabani Mpungose weJustice for Detainees and Prisoners Trust , uthe bayajabula ukuthi uMthimkhulu usephumile kodwa wathi kuningi okusafanele kulungiswe kwezobulungiswa kuleli.

“Maningi amacala esike sawenza sitakula abantu emajele sebedonse iminyaka.

“Sicela uhulumeni ayibhekisise le nto ngoba umuntu ongenanyo imali uvele aboshwe.

“Sikhathazekile kakhulu ngalokho ngoba umthetho ubenzela phansi abantu ,’’ kuchaza uMpungose.

UNksz Jackie Bishop wenkampani yabameli iJV Pretorius and Associates uthe sebeqalile umsebenzi wokufaka amaphepha enkantolo ukuze uMthimkhulu athole amademeshe akhe. 

Udaba lukaMthimkhulu luvela nje lulamana eduze nolomunye umlisa obesanda kuphuma ejele, emuva kokudonsa iminyaka engu-16 engenzanga lutho.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa

KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson -Kara, ugcine ngokubhalela intatheli ethi uyitholile imibuzo uyayisebenza akabange esaphendula kwaze kwayoshicilelwa.