Izindaba

Bazovela enkantolo ababhadanywe noxhaxha lwamakhadi akwaSassa nesamba semali

Se-Anne Rall|Published

KUBOSHWE ababhadanywe bephethe uxhaxha lwamakhadi akwaSassa nesambasemali Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI /African News Agency (ANA) KUBOSHWE ababhadanywe bephethe uxhaxha lwamakhadi akwaSassa nesambasemali Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI /African News Agency (ANA)

AMAPHOYISA abophe abalisa ababili futhi abaphuca amakhadi akwaSassa ngesikhathi evimbanise enxanxatheleni yezitolo yaseManzimtoti, enyakatho yeTheku, ngoLwesihlanu. Amaphoyisa abuye athola uR16 000 owukheshi akholelwa ukuthi bewukhishwe ngabasola kwi-ATM. 

Kusolwa ukuthi laba basolwa, abaneminyaka engu17 no21, babonakale bekhipha imali ewukheshi emshinini wasebhange elisenxanxatheleni yezitolo. Amaphoyisa abikeliwe kwase kuboshwa lamadoda. Uma ebuzwa ukuthi awathathephi lamakhadi, amadoda awakwazanga ukunikeza amaphoyisa impendulo ecacile.

Oyisikhulu esiphezulu sakwaSassa KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Matlou, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa nokutholakala kwemali namakhadi akwaSassa. 

Uthe bona njengoSassa abayibekezeli inkohlakalo nomkhonyovu. "Senelesekile ukwanda kwezibalo zababoshwayo nabagwetshelwa amacala ahlobene nomkhonyovu. Siyakholwa ukuthi lokhu kuzonqanda abasafisa ukuqola imali yesibonelelo sikahulumeni."

 

UMatlou unxuse abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba bahlukane nomkhuba wokuboleka imali ngesibonelelo sikahulumeni nokubambisa ngamakhadi akwaSassa. Uthe sebesebenzisana namaphoyisa ukuvimba ukugcinwa kwamakhadi akwaSassa ngomashonisa. 

"Sibuye sicele kwabahola imali yesibonelelo ukuba bavikele amakhadi abo. Akufanele banikeze amakhadi abo komunye umuntu futhi baze bangalinge badalulele nanoma wubani izinombolo zabo eziyimfihlo. Inamba eyimfihlo ibaluleke kabi futhi kufanele ihlale ivikelekile ngaso sonke isikhathi." 

Abasolwa ababoshwe eManzimtoti kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko ngokwephula umthetho obizwa ngeNational Credit Act. 

- IOL