Izindaba

Abamfuni esikhundleni osolwa ngokuba neziqu ezinogcobho

Samkelo Mtshali|Published

UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi kuthiwa waziswa ukuthi isikhulu seGPW asiwufanele umsebenzi kodwa wangayinaka iPSA Isithombe:ESIGCINIWE UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi kuthiwa waziswa ukuthi isikhulu seGPW asiwufanele umsebenzi kodwa wangayinaka iPSA Isithombe:ESIGCINIWE

INYUNYANA iPublic Service Association (PSA) yamxwayisa uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Aaron Motsoaledi, ngokuqasha oyiNhloko esabambile kwiGoverment Printing Works (GPW), uNksz Alinah Fosi, esikhundleni ngokugcwele.

 IPSA ijoyine iSA ngokuphikisa ukuqashwa kukaFosi ngokugcwele esikhundleni ngenxa yokushaywa kwamakhala ngeziqu zakhe zemfundo ephakeme, ukuhlukumeza abasebenzi baseGPW nokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela ngokuxhasa uhambo lwabangani bakhe lwaphesheya. 

IPSA, ezishaya isifuba ngokuba yinyunyana enamalungu amaningi eGoverment Printing Works, ithe phezu kwendathane yezincwadi ebizibhala ngenhloso yokucela ukuhlangana noMotaoeledi ukuze imbikele futhi badingide ngalezi zinsolo zokungaziphathi kahle kukaNksz Fosi, uMotsoaledi akaze azihluphe ngokuba nomhlangano nabo.

 "Kunokuba uNgqongqoshe Mostoaledi anikeze iPSA ithuba lokuba imnikeze umbiko ogcwele ngezinsolo nobufakazi, uqhubekile waklelisa uNksz Fosi kubantu abazophekwa ngemibuzo futhi wabizekwa kwinhlolokhono yalesi sikhundla, wayiziba unomphela imibiko yokuthi uNksz Fosi akasifanele lesikhundla nokuthi akanazo iziqu zaso. Ngesikhathi uNksz Fosi eseyiNhloko ebambile, wabuveza ubuthakathaka bokuthi akasifanele lesi sikhundla njengoba abasebenzi bebelokhu bephelelwa wumdlandla futhi abasebenzi abaningi nezimenenja bebekhalaza ngendlela aphethe ngayo," kusho isitatimende sePSA.

IPSA ithe ngoba kuyacaca ukuthi uMotsoaledi udaze inkani ngokuqoka uFosi ngisho enogcobho, ithe yona izokwenza konke ukuvikela amalungu ayo "ngisho nokusiphonsela inselelo enkantolo lesi sikhundla."

Ithe isamcela uMotsoaledi ukuba enze okufanele futhi amise esikhundleni uNksz Fosi ngokuphazima kweso, kuze kuphothulwe uphenyo.

"Akusona isikhathi esikahle ezweni lethu ukuqoka abantu abanogcobo ezikhundleni zokuphatha ezinkampanini zikahilumeni njengoba sibonile abantu abanjalo bazenzenjani izinkampani eziphethwe ngumbuso. 

Nokhulumela iDA kulo mnyango uNkk Angel Khanyile uthe uMotsoaledi akammise uNksz Fosi njengoba kusenophenyo. UNkk Khanyile ubuye waveza ukuthi uFosi wake wamosha isamba sikaR500 000 ngokwenza umbuthano wokucobelelana ngolwazi eBela-Bela Hotel nokukhipha amathenda ngaphandle kokulandela imigomo ebekiwe.