Izindaba

‘I-KZN izolahlekelwa wu-14% wemisebenzi ngenxa yeCovid-19’

Mlungisi Gumede|Published

UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthi iKwaZulu-Natal izolahlekelwa wu-14% wemisebenzi ngenxa yeCorona. Isithombe: GCIS UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthi iKwaZulu-Natal izolahlekelwa wu-14% wemisebenzi ngenxa yeCorona. Isithombe: GCIS

UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthi iKwaZulu-Natal izolahlekelwa wu-14% wemisebenzi ngenxa yeCorona.

Ethula isabelo-mali sikaR718 million somnyango esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo, uPillay uthe izinga lokudingeka kwempahla lizokwehla ngo-7.5%.

“Ucwaningo lwethu esilwenzile njengomnyango luveza ukuthi ubhubhane lweCorona luzoba nomthelela omubi cishe kuyo yonke imikhakha kodwa imikhakha ezoshayeka kakhulu owomkhiqizo, owezokwakha, izitolo, amahhotela, ukudayiswa kwezindlu namabhizinisi.”

Uthe isimo esikhona sizokwengeza enkingeni yokuntuleka kwamathuba omsebenzi KwaZulu-Natal ebiveli ihleli ku-25%. Esewonke amathuba omsebenzi angalahleka alinganiselwa ku-40%.

“Lezi akuzona izindaba ezinhle ikakhulukazi ngoba isifundazwe sivele sinabantu abacela kwi-million abangasebenzi.”

“Nakuba isimo sinje kodwa akumele sigudluke emsebenzini esinikwe wona, sisazonyuka isibalo sabantu abazongenwa yigciwane, kanti nesimo somnotho sisazoba sibi kakhulu njengoba ubhubhane kuhlawumbiselwa ukuthi luzoba khona cishe iminyaka emibili,” kusho uPillay.

Uthe bahlalelwe wumsebenzi onzima wokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane, babuye bazame ukuvuselela umnotho.

“Konke lokhu kudinga ukuthi sibambisane,” kusho uPillay.

Uthe nakwiGross Domestic Product yesifundazwe imali yehlile.

UPillay uthe lesi simo sifike vele umnotho wezwe ungahambi kahle njengoba iNingizimu Afrika isanda kwehliselwe esigabeni esiphansi yizinhlangano eziklelisa amazwe kwezomnotho.

“Emhlabeni igciwane liveze igebe phakathi kwabampofu nabadla kahle kanti lapha eNingizimu Afrika liveze igebe lokungalingani olugqugquzelwa wubuhlanga,” kusho uPillay.