Izindaba

Inyunyana izokuphosela inselelo ukuvulwa kwezikole

Mlungisi Gumede|Published

KUQALILE ukufunda eWestern Cape nakuba ezinye izifundazwe zingakaqali. Esithombeni abafundi bakaGrade 7 base-Arcadia Primary School eBonteheuwel bathathwe bebuyela esikoleni ngoMsombuluko.Isithombe: Brendan Magaar African News Agency (ANA) KUQALILE ukufunda eWestern Cape nakuba ezinye izifundazwe zingakaqali. Esithombeni abafundi bakaGrade 7 base-Arcadia Primary School eBonteheuwel bathathwe bebuyela esikoleni ngoMsombuluko.Isithombe: Brendan Magaar African News Agency (ANA)

INYUNYANA yothisha i-Educators' Union of South Africa (EUSA) isabisa ngokuthi izosiphonsela inselelo enkantolo isinqumo soMnyango weMfundo eyisisekelo sokuvula izikole ngoMsombuluko ozayo.

Okhulumela i-EUSA, uMnuz Kabelo Mohlobogong, uthe uMnyango weMfundo eyisisekelo ubeke engcupheni impilo yabafundi nothisha uma ujaha ukuvula izikole.

“Iyodwa into ejahiwe njengoba kuthiwa akuvulwe izikole - amathenda,” kusho uMohlobogong.

Uthe into okumele yenzeke wukuthi uNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, kumele asule esikhundleni ngoba sekucacile ukuthi umsebenzi uyamehlula.

UNobhala-jikelele weSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu), uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bebevele belindele ukuthi izikole ngeke zivulwe izolo ngoba iningi lazo alikulungele.

“Kade sasho ukuthi izikole azikulungele ukuvulwa. Umbiko owethulwe yithimba ebelenza ucwaningo ukubeke kwacaca ukuthi izikole eziningi azikulungele ukuthi zivulwe,” kusho uMalukeke.

Uthe ngeke bavume ukuthi amalungu abo abuyele emsebenzini uma ukuphepha kwawo kungaqinisekisiwe.

UMengameli weNational Teachers Union (Natu), uMnuz Allen Thompson, naye uhambe emazwini kaMaluleke wathi bebevele belindele ukuthi izikole ngeke zivulwe izolo.

“Ezingxoxweni esibe nazo noNgqongqoshe uNkk Motshekga kucacile ukuthi ubekhuluma nathi engenakho ukwethembeka ngoba naye wavuma ukuthi izikole azikulungele ukuthi zivulwe kodwa sathuka uma umnyango usukhipha isitatimende uthi izikole zizovulwa,” kusho uThompson.

Uthe kunezikole ezingaphezu kuka-3 500, ezingenawo amanzi.

“Kusithusile futhi ukuthi umnyango ubize bonke othisha uthi abeze ezikoleni kodwa kube konothisha abaneminyaka engaphezu kuka-60. UMnyango wezeMpilo nowabaSebenzi uthe abahlale emakhaya ngoba basengcupheni enkulu yokuthi bathole igciwane,” kusho uThompson.

UMengameli weNational Professional Teachers Organisation of South Africa, uMnuz Basil Manuel, uthe akukho okusha okushiwo ngoNkk Motshekga mayelana nodaba lokuvulwa kwezikole.