KUSUKELA kusasa kuzoqala ukudayiswa kukatshwala kuleli njengoba kuzoqala isigaba sesithathu sokuvalwa kwezwe. Isithombe Thobile Mathonsi African News Agency (ANA) KUSUKELA kusasa kuzoqala ukudayiswa kukatshwala kuleli njengoba kuzoqala isigaba sesithathu sokuvalwa kwezwe. Isithombe Thobile Mathonsi African News Agency (ANA)
INHLANGANO yabadayisi botshwala iLiquor Traders Association ikhala ngokuthi abadayisa ezindaweni ezisemalokishini kufanele nabo bavunyelwe ukudayisa utshwala kodwa abathengi bangahlali khona bathenge bahambe bayophuzela emakhaya.
Esitatimendeni sayo esibhekiswe kwabezindaba, le nhlangano ithe uma kudayiswa utshwala emalokishini kuzosiza ekutheni abantu bangalokhu begcogcoma beyothenga kude.
Le nhlangano iphawula kanjena nje uMengameli Cyril Ramaphosa ubesanda kumemezela ukuthi kusasa kuyaqala ukudayisa utshwala kodwa kunombandela wokuthi abantu baphuzele ezindlini ngoba kusaqhutshekwa nokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane iCorona elidla lubi.
Inkulumo kaRamaphosa ilandelwe ekaDkt Nkosazana Dlamini Zuma onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba olibeke ngembaba elokuthi amathaveni namashibhi azobe evaliwe.
Uthe lokhu bakwenze ngoba babuka ingozi yabantu abazonqwabelana khoba babhebhethekise iCorona
Kube nenhlokomo enkulu ezinkundleni zokuxhumana abantu bejabulela ukuthi utshwala bebuzovunyelwa ukudayiswa.
URamaphosa uthe izwe lehlela esigabeni sesithathu sokuvulwa kwezwe. Inhlangano yabadayisi botshwala ithe uhulumeni makangakhohlwa wukuthi emalokishini kunenqwaba yamakhisimende athenga utshwala.
“Lokhu kuzophinda kulekelele ukufukula umnotho wasemalokishini kwehlise nezinga lokugcwala ezindaweni ezizobe zivuliwe. Lokho kuzokwenza ukuthi kube nzima ukugcina imithetho nebanga okuthiwa abantu kufanele baqhelelane ngalo ukuze kungabhebhetheki umkhuhlane,’’ kusho inhlangano esitatimendeni sayo.
Esinye isikhalo esivelayo ngesokuthi inqwaba yabantu abadayisa utshwala emalokishini ithola imali yokondla imindeni esele dengwane njengoba kuvaliwe nje.
Baqhube bathi bayawuhlonipha umyalelo kahulumeni wokudayisa ngamahora athize nayo yonke imibandela ebekiwe kodwa bacela ukungasali ngaphandle nabo. Bakhale nangokuthi abantu bazobe benqwabelene ezimotweni ezithutha umphakathi beyofuna utshwala kude konke lokhu kwenyusa amathuba okuthelelana.