Izindaba

Umnyango awukazi ngezinyathelo ozozithathela othisha abazolova

Sihle Mavuso|Published

UMNYANGO kaNkk Angie Motshekga awukazi ngezinyathelo ozozithathela othisha abangafikanga ezikoleni Isithombe:ESIGCINIWE UMNYANGO kaNkk Angie Motshekga awukazi ngezinyathelo ozozithathela othisha abangafikanga ezikoleni Isithombe:ESIGCINIWE

UMNYANGO wezeMfundo kuleli awukazi ngezinyathelo ozozithathela othisha abangazofika ngoMsombuluko ezikoleni.

Kuzokhunjulwa ukuthi inyunyana yothisha iSA Democratic Teachers Union (Sadtu) isanda kuyalela amalungu ayo ukuba bangalubeki esikoleni kuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabo kwiCovid-19 ezikoleni. 

Kulindeleke ukuba kuqale ukufunda nokufundisa kubafundi bakwaGrade 7 no12 ngoMsombuluko. 

Ebuzwa okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ngezinyathelo ezingathathela othisha abazophutha, uMnuz Elijah Mhlanga uthe kuseva kakhulu ukuthi bengacabanga ngalokho. 

Uthe yize besajabule ngendlela abafike ngayo ngoLwesine nangoLwesihlanu kodwa basafuna ukuthola ukuthi bangaki othisha abangazofika ngenxa yezinkinga yezempilo. 

KwaZulu-Natal, okuyisifundazwe esinezikole ezingaphezu kuka6 400, isithombe esigcwele sizogqama ngoMsombuluko. 

Okhulumela lo Mnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bajabule ngokuthi u80% sewufuthiwe ngezibulalimagciwane futhi wathola nezinsiza zokuvikela abasebenzi nabafundi kwiCovid-19. 

Wengeze ngokuthi abanye othisha kungenzeka bangafiki ezikoleni kodwa izizathu zokuphutha kwabo zizobhekwa kunokuthi kujahwe ekuthatheni izinyathelo

"Okwamanje asikabikho isithombe esicacile ngokubuya kothisha, sizoba nesithombe esigqamile ngoMsombuluko.

EMpumalanga, umnyango uthe bewulindele othisha babuye izolo. Okhulumela lo mnyango kulesi sifundazwe, uMnuz Jasper Zwane, uthe othisha balindeleke ukuba bagcwalise ifomu bechaze ngesimo sabo. 

Unobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, ugcizelele ukuthi izifundazwe azikakami ngomumo ukuvula izikole ngoMsombuluko njengoba besahluleka ukugcina izikole ziphephile ngakwezempilo. 

"Akekho umsebenzi okufanele afake impilo yakhe engozini. Ubuholi bethu sebucikekile yindlela umqashi aziphethe ngayo. Imithetho ithi umqashi kufanele ahlanze futhi afuthe ngesibulalimagciwane indawo yokusebenzela. Imithetho ayithi abazali abafake izingane zabo engozini ngezifonyo ezingaphephile."

ReplyForward