Izindaba

Amaphoyisa aqinisekise ukuthi ngezikaBobo izicubu ezatholwa oThangathi

Intatheli YeSolezwe|Published

UKUTHOLAKALA kwezinsalela zesidumbu okukholakala ukuthi ezika-Andile "Bobo" Mchunu (Mbuthu) kwenza umphakathi wavuka umbhejezane, wangqongqisa indawo ayevalelwe kuyo Isithombe:SITHUNYELWE UKUTHOLAKALA kwezinsalela zesidumbu okukholakala ukuthi ezika-Andile "Bobo" Mchunu (Mbuthu) kwenza umphakathi wavuka umbhejezane, wangqongqisa indawo ayevalelwe kuyo Isithombe:SITHUNYELWE

AMAPHOYISA ngoLwesithathu agcine ekuqinisekisile ukuthi imiphumela yolibofuzo ikhomba ukuthi ezika-Andile 'Bobo' Mbuthu izicubu ezatholwa ngasemfuleni iNewtown, oThongathi eThekwini emasontweni amabili edlule. 

Lezi zicubu zatholwa kulandela ukuboshwa kwabesilisa abasolwa ngokuthinteka ekubulaweni kwalo mfundi obefunda uGrade 12 eNkosibomvu Secondary High. 

UBobo wanyamalala ngo-Ephreli 28 emuva kokushaywa kabuhlungu yiqeqebana lamadoda elalimsola ngokweba utshwala endaweni yobumnandi iMagagula Lounge.

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ngesikhathi evakashele umndeni ka-Andile 'Bobo' Mbuthu eyobhonga emswaneni

Abasolwa bekumele bavele enkantolo yeMantshi eVerulam ngoLwesibili kodwa icala lahlehliswa. Kubo kubalwa uMlungisi Thabethe, 28, Andile Nhleko, 27, Mncedisi Mzobe, 27, Siyanda Msweli, 26, Lindani Ndlovu, 22 noMalusi Mthembu, 27 bonke okulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngenyanga ezayo. Kulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili. Omunye umsolwa oneminyaka ewu-16 usihoxisile isicelo sebheyili kanti kuvela ukuthi uzoshushiswa eceleni njengoba engaphansi kweminyaka ewu-18. 

Ekhuluma ngemuva kokuvela kwabasolwa unina omncane kaBobo, uNksz Zodwa Jali owayehambele icala waveza ukuthi bewumndeni bese befisa kusheshiswe ukuqinisekiswa kwesidumbu ukuze bafihle ilungu lomndeni badliule kulesi simo.