Undunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ngesikhathi bamukela odokotela baseCuba abatshalwe kulesi sifundazwe ukuzolwa neCorona Undunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ngesikhathi bamukela odokotela baseCuba abatshalwe kulesi sifundazwe ukuzolwa neCorona
I-SACP KwaZulu-Natal, ezibiza ngeMoses Mabhida, icela abantu bakulesi sifundazwe bamukele ngezandla ezifudumele ithimba lodokotela baseCuba, abaphakwe lapha ukuzosiza kuliwe neCorona.
Okhulumela iSACP esifundazweni uMnuz Sifiso Gwala, uthe akangabazi ukuthi abantu bazolemukela ngezandla ezifudumele ithimba lodokotela elithelekile ukuzosebenza ezifundeni ezehlukene.
Ithimba labaseCuba lisanda kutheleka eNingizimu Afrika, lahlolwa lase lidedelwa ukuthi liqale lilekelele libhule umlilo weCorona osha ubuhanguhangu.
UGwala uthe uhulumeni wesifundazwe angaliyeki ithuba lokuncela embeleni ogwansile wodokotela baseCuba ukuze bathole izeluleko.
"Siyethemba ukuthi ngeke baphakwe ezifundeni kuphela kodwa bazosiza uhulumeni wethu ngokuwucebisa baweluleke lapho kudingeka khona ukuze kunqotshwe igciwane iCorona ,’’ kusho uGwala.
Uthe ukutheleka kodokotela kuzowuqisa idolo umphakathi waKwaZulu-Natal onovalo ngegciwane elithanda ukudla lubi esifundazweni. I-SACP ithe ilindele ukuthi kube khona umehluko ngenxa yodokotela yathi iyameseka kakhulu uhulumeni wesifundazwe ngemizamo yakhe yokulamulela abantu emkhuhlaneni.
Uthe kuyabajabulisa ukuthi ubudlelwane bezwe laseCuba nelakuleli bubonakala buqhubeka nokuthela izithelo ezinhle njengoba kunenqwaba yodokotela baKwaZulu-Natal, abaqeqeshwa kwalaseCuba.