Imeya yaseNkandla uMnuz Thamsanqa Ntuli Imeya yaseNkandla uMnuz Thamsanqa Ntuli
IMEYA yaseNkandla uMnuz Thamsanqa Ntuli iphume icikekile enkantolo emuva kokuthi kubhuntshe ukuqala kokuqulwa kwecala layo lokwephula imigomo yokumiswa kokusebenza okujwayelekile kwezwe.
UNtuli ubevele eNkantolo yeMantshi eNkandla kuleli sonto ngethemba lokuthi icala lakhe lizoqala ukuqulwa kodwa lahlehla ngenxa yokuthi uMbuso uthe awukakulungeli ukuqala.
Indaba yaqala ngokuthi uNtuli aphe abantu ukudla edolobheni eNkandla ngesikhathi sekuvaliwe ukuhlangana kwabantu ngemizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane iCorona.
Kwabonakala nezimoto zamaphoyisa ziyingxenye yalo mbuthano okwakukhishwa kuwo izijumbane zokudla.
Noma engathandandanga uNtuli ukwanda kakhulu ngecala kodwa ukuvezile ukuthi usamile ekutheni ikhona ipolitiki phakathi kuleli cala. Ubale nezikhulu zikahulumeni ezenza into efanayo zangaboshwa kodwa yena uyaboshwa, wathi kukhona ukukhetha iphela emasini.
UNtuli nePhini lakhe uNkk Nonhlanhla Nzuza noSomlomo uMnuz Sibusiso Sibiya babhekene namacala emuva kokuboshwa futhi baphuma ngebheyili kaR1 000 umuntu ngamunye.
UNtuli ubehambisana nabanye abasebenzi bakamasipala namakhansela amqinisa idolo.
Icala lihlehlele uJuni 23 nalapho kulindeleke ukuthi liqale khona ukuqulwa futhi uMbuso uthembise ukuthi cishe uyobe usumi ngomumo.