BASOBISHINI abasebenzi basejele laseMnambithi abamiselwe ukuduka kokhiye abavula cishe iminyango eminingi ngaphakathi. Isithombe esigciniwe: Brendan Magaar African News Agency (ANA) BASOBISHINI abasebenzi basejele laseMnambithi abamiselwe ukuduka kokhiye abavula cishe iminyango eminingi ngaphakathi. Isithombe esigciniwe: Brendan Magaar African News Agency (ANA)
BASOBISHINI abasebenzi basejele laseMnambithi abamiselwe ukuduka kokhiye abavula cishe iminyango eminingi ngaphakathi.
Umthombo othembekile upotshozele Isolezwe ngeSonto ukuthi kusuke esinamathambo kuvela izindaba ezithi okhiye kababonwa nokuyinto ebishayisa ngovalo ngoba bekungenzeka batholwe yiziboshwa.
Kuvela ukuthi lolu daba lutatazelise abaphathi bejele njengoba kugqunywe izinkumbi zeziboshwa eziyingozi khona.
Kuthiwa okhiye baduke kuleli sonto akwaziwa ukuthi bashonephi nokuyinto edale ukuthi kuqalwe uphenyo olusheshayo.
Kucingwe kwaze kwahlanzwa ngedela lutho ukuvela okhiye, kwacaca ukuthi kufanele kwenziwe izaba ngokushesha.
“Emuva kwalokho kubikelwe izikhulu eziphezulu ngalolu daba ngoba beluphuthuma. Kukhishwe ithimba eliyisipesheli lahlwaya laphosa nemibuzo kubasebenzi. Kuphopelekile ukuthi kushintshwe zonke izikhiye ukuze zingeqi iziboshwa ,’’ kuchaza umthombo.
Bonke abamisiwe kuthiwa bazobhekana nokuqondiswa ubugwegwe ngoba kusolwa ukuthi babe budedengu futhi bebengabeka impilo yabantu abaningi engcupheni ukube kweqe iziboshwa.
Okhulumela uMnyango wezokuHlumeleliswa iziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe wudaba oluphakathi komqashi nabasebenzi futhi kabazimisele ngokulukhuluma esidlangaleni.
Uthe banomthwalo wokuvikela isithunzi sabasebenzi babo ababhekene nezinsolo.
“Singakuqinisekisa ukuthi udukile ukhiye sase senza uphenyo sathi ukuhlwaya kwavela ukuthi kunabantu okufanele sibaphenye kabanzi.
“Bamisiwe ngenhloso yokuthi uphenyo lwenziwe kahle ngaphandle kokuphazamiseka. Kuyiqiniso ukuthi okhiye bashintshiwe ukuze siqinisekise ukuthi ezokuphepha ziqinile,’’ kusho uNxumalo.
Ucele ukuba angadaluli imininingwane eminingi ngoba wudaba lwangaphakathi, wanqaba nokusho ukuthi bangaki abasebenzi abamisiwe.