Izindaba

Uphenyo ngokubulawa kwabayisikhombisa endlini

Anelisa Kubheka|Published

SISEYINDIDA isigameko sokudutshulwa kwamadoda ayisikhombisa okwenzeke KwaMakhutha izolo ntambama Isithombe:SIGCINIWE SISEYINDIDA isigameko sokudutshulwa kwamadoda ayisikhombisa okwenzeke KwaMakhutha izolo ntambama Isithombe:SIGCINIWE

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ukubulawa kwamadoda ayisikhombisa eMsahaweni, e-Adams, atholwe enamanxeba okudutshulwa ekhanda ngoLwesithathu ntambama. 

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicer uthe izolo ngabo-6 ntambama endaweni yaseMsahweni kuzwakale kuqhuma isibhamu komunye umuzi amaphoyisa anikela khona azithela kwizidumbu zabesilisa. 

"Laba besilisa abayisikhombisa baneminyaka ephakathi kuka-21 no-36, batholwe kwelinye lamagumbi kanti bonke batholwe benamanxeba okudutshulwa ekhanda," kusho uNaicker. 

Uthe kubizwe abaphenyi be-Violent Crimes Unit endaweni yesigameko. Okwamanje uthe lusaqala uphenyo ngakho akakwazanga ukuqinisekisa ubuhlobo phakathi kwalawa madoda. 

"Akukaziwa okuholele ekubulaweni kwalaba okwamanje njengoba lusaqala uphenyo. Sicela noma ngubani ongasilekelela ngemininingwane ngaleli cala ashayele abaphenyi ku-086 001011," usho kanje.