Izindaba

Imeya ithi ayisuki esikhundleni emva kombiko womnyango

KHETHA SANGWENI|Published

IMEYA kaMasipala wesiFunda iZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ithi ayiyindawo esikhundleni sayo njengoba kuphume umbiko wenkohlakalo IMEYA kaMasipala wesiFunda iZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ithi ayiyindawo esikhundleni sayo njengoba kuphume umbiko wenkohlakalo

IMEYA kaMasipala wesiFunda iZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ithi ayiyindawo esikhundleni sayo futhi isaqhubeka nomsebenzi wayo ngoba yiqembu kuphela elinamandla okuyixosha.

UMfundisi uButhelezi ubephawula emuva kokuphuma kombiko woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal okhuluma ngenkohlakalo.

Umbiko ukhishwe wumnyango kuleli sonto kanti Isolezwe ngeSonto linawo, unamakhasi angu-387 futhi ukhomba ngenjumbane imeya nezinye izikhulu zomkhandlu. Sekunesikhathi eside umnyango uqhuba uphenyo kulo mkhandlu njengoba kuphuma umbiko manje.

UMasipala wesiFunda iZululand ozinze oLundi, usezandleni ze-IFP kanti uButhelezi uthathe isihlalo ngo-2018 emva kokuxoshwa kwenkosi yaseMbongombongweni, uMzamo Buthelezi.

Kusabalale imibiko ethi imeya imisiwe emsebenzini ukuze kuqhubeke uphenyo kodwa imeya ithi ayikho leyonto.

‘’Yiqembu kuphela elinamandla okumisa nokuxosha imeya emsebenzini, hhayi omunye umuntu. Angikawuboni umbiko ngoba ngesikhathi wethulwa ngicelwe ukuba ngiphume emhlanganweni,’’ kusho uButhelezi.

Uthe usaqhubeka nomsebenzi futhi kade ethula uhlelo lwentuthuko ezohlomulisa abantu abaningi, akakwazi okunye okukhulunywa ngaye.

Umbiko ukhuluma ngenkohlakalo, ukukhwabanisa nokuphuma kwamathenda ngendlela engafanele okuthiwa kudla lubi kumasipala.

Umnyango ukhiphe isitatimende uqinisekisa ukuthi uwukhiphile umbiko ngodaba lwaseZululand futhi umkhandlu unikwe izinsuku ezingu-21 wokuba wenze lokhu okuphakanyiswe embikweni.

Kuwo umbiko kunesigatshana esithi uNgqongqoshe uMnuz Sipho Hlomuka, uzobhalela imeya incwadi eyazisa ngokumiswa kwayo emsebenzini.

Kuvela nokuthi uma igoloza, ungqongqoshe

uyobe esedlulela enkantolo enkulu ukuze athole incwadi emisa imeya ukuqinisekisa ukuthi ayigxambukeli ophenyweni.

Umbiko uthi uma imeya imiswa izobe iwuthola uphelele umholo wayo.