Izindaba

Ayimjabulisi eyokuvulwa kwezikole oweCosas

KHETHA SANGWENI|Published

UBONA ingozi ngesiphakamiso sokuvulwa kwezikole uSihlalo weCosas KwaZulu-Natal uJabulisa ‘JB’ Mchunu UBONA ingozi ngesiphakamiso sokuvulwa kwezikole uSihlalo weCosas KwaZulu-Natal uJabulisa ‘JB’ Mchunu

INHLANGANO emele abafundi bemfundo eyisisekelo iCongress of South African Students (Cosas) KwaZulu-Natal, ithi inovalo ngokuvulwa kwezikole njengoba kusabhoke igciwane iCorona.

USihlalo weCosas KwaZulu-Natal, uJabulisa ‘JB’ Mchunu, ubephendula emuva kwesimemezelo sokuthi izikole zingase zivulwe bese abafundi bebuyela emakilasini. Uthe kushayisa ngovalo lokhu ngoba bacabanga ukuthi izikole zesifundazwe azikho esimeni esikahle sokwenza lokhu ngempumelelo.

ICosas ibiphendula nesiphakamiso se-ANCYL KwaZulu-Natal lapho iphumele khona obala yathi iphakamisa ukuthi kubuyelwe ezikoleni ukuze unyaka ungalahleki.

"Isifundazwe sinenkinga enkulu yokushoda kwamanzi ezikoleni ezibalelwa ku-3000 ekubeni amanzi ayisidingo esiphambili ekulweni ne-Corona. Kunenkinga yokugcwala ngokweqile ezikoleni. Kuyakhathaza ukuthi umnyango ufuna ukuvula ukufunda ekubeni umengameli eshilo ukuthi sibhekene nenhlekelele,’’ kusho uJabulisa.

Ukhale ngokuthi isifundazwe sisele emuva ngokwengqalasizinda ezokwazi ukwenza ukufunda kube lula ngaphansi kwe-Corona.

Uthe abamelene nokufunda futhi bayathanda kuqhubeke kodwa bakhathezekile ngempilo yabafundi nothisha ezobekwa engcupheni uma beyohlanganiswa ezikoleni.

"Izikole aziyona indawo yokuzozwa amanzi ngobhoko futhi njengamanje isifundazwe sineqwaba yabantu abahlabekile nesibalo sikhula nsukuzonke. I-ANCYL iyasethusa ngokuthi kube yiyona impela efuna ukuthwala abafundi iyobaphonsa egodini lokufa esikhundleni sokubalwela ngoba imele intsha," kusho uJabulisa.

I-ANCYL KwaZulu-Natal ibiphakamise ukuthi kubuyelwe ezikoleni kodwa kufuthwe ngesibulali magciwane njalo bese abafundi behlukaniswa bangene ekuseni abanye bangene emini ukuze bangabi ndawonye emakilasini ngoba bazothelelana. Udaba lokuvulwa kwezikole ludale ukwehlukana kakhulu ngemibono njengoba abaningi bebona sengathi isinqumo asiphusile.