Izindaba

Isililo kushona isilomo somculi wokholo

Bongiwe Zuma|Published

ISILOMO somculo wokholo uMalibongwe Gcwabe ongasekho emhlabeni Isithombe: FACEBOOK ISILOMO somculo wokholo uMalibongwe Gcwabe ongasekho emhlabeni Isithombe: FACEBOOK

KUKHALWA nxa zonke ngokudlula emhlabeni komculi wase-Eastern Cape ozakhele udumo ngezingoma zokholo zokudumusa ngendlela yakudala, uMalibongwe Gcwabe.

Lo mculi obephinde abe wumfundisi, udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa wukugula. Ushonele esibhedlela iCecil Makiwane izolo. Kuvela ukuthi uphuthunyiswe kulesi sibhedlela ngemuva kokuthi ekhale ngezinhlungu esifubeni.

Udlula emhlabeni nje ubesanda kuqopha ingoma entsha noKhanyisa Nkantsu Sabuka ongumunye wabaculi bokholo abasebenze kakhulu noMalibongwe eminyakeni eyedlule. 

Kwezinye zezingoma uMalibongwe azakhele ngazo ugazi, kubalwa ethi Calvary nombhedesho wamaWesile uSiyakudumisa Thixo.

UBetusile Mcinga ongomunye wabaculi obesondelene kakhulu nalo mculi, uncome lo mculi ngokuba wumculi ozothobile. Uthe yena uqobo ufe olwembiza ngoba bebenza izingoma eziningi ndawonye.

 "Ngiphatheke kabi ngokudlula kukaDkt Gcwabe. Engathi umoya wakhe ungathola ukuphumula," kusho uBetusile. 

NoThinah Zungu naye udlulise amazwi akhe enduduzo kubangani nezihlobo nabalandeli balo mculi. UJumbo Nyangiwe naye ungomunye wabaculi ababhale ngoMalibongwe ezinkundleni zokuxhumana wadlulisa amazwi enduduzo. 

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali okhulumela umndeni, kodwa izindaba zokudlula emhlabeni zalo mculi ziqinisekiswe wuLucky Shongwe obesebenza kakhulu nalo mculi kwiEastern Cape Dispatch.

Ukuvezile ukuthi lezi yizindaba ezisanda kufika emndenini, yingakho kusenzima ukukhuluma ngazo. Uthe nomndeni ubungakahlangani ubhunge ngezihlelo eziphathelene nokubekwa endlini yokugcina kwalo mculi.