Izindaba

Ibuyele emsebenzini imeya eyayibhikishelwa wumphakathi

Sihle Mavuso|Published

Umgwaqo wase-Acaciaville eMnambithi owawuvaliwe ngesikhathi kubhikisha amalungu omphakathi nonyaka Umgwaqo wase-Acaciaville eMnambithi owawuvaliwe ngesikhathi kubhikisha amalungu omphakathi nonyaka

IMEYA ebe sematheni kamasipala i-Alfred Duma (eMnambithi), uMnuz Vincent Madlala, ibuyele emsebenzini isinyenyela emuva kokuthatha ikhefu lokugula lezinyanga ezimbili ngesikhathi ibhikishelwa amalungu omphakathi ngoMashi nonyaka.

Umphakathi wawuyisola ngokuba nesandla enkohlakalweni kulo masipala okuyinto eyayiphika.

Imeya yathi abemboni yamatekisi bayipenda kabi kwazise ngaphambi kokuba yimeya yayisebenza kule mboni.

Umphakathi awukwazanga ukuyibhikishela ngeledlule ngenxa yokuvalwa kwezwe futhi awuvumelekile ukuthi uhlangane.

Yize kunjalo kunezinkomba zokuthi uma kuphela uthaqa umphakathi usazohlangana uzame ukumxosha uMadlala.

Umbhikisho womphakathi waphoqa ukuba ezokuthutha umphakathi ziphazamiseke, amafemu nezikole kwavalwa thaqa. Kwaba nomonakalo omkhulu okubalwa ukushiswa kwezimoto.

UMadlala ubonakale eyohambisa izijumbana zokudla emphakathini njengoba kuhlasele iCorona. Ube esezwakala emsakazweni womphakathi ekhuluma ethi ubuyile emsebenzini njengemeya.

USihlalo woBumbambo Lokuthula, uMnuz Andile Hlatshwayo, uthe umphakathi owawumbhikishela umangele uthola ukuthi ibuyile imeya.

Uthe bakholwa wukuthi usebenzisa iCorona ukuzama ukubuyela emphakathini, wafunga wagomela ukuthi basazoqhubeka nemizamo yokumkhipha esikhundleni.

“Simangele ngoba umphakathi awumdingi. Yingakho sithinte uNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala othe ubengazi ukuthi ubuyile. Uthembise ukuthi bazolubheka udaba ngoLwesithathu. Sifuna angabuyeli njengemeya, “ kusho uHlatshwayo.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Ricardo Mthembu, uthe uMadlala akazange abathinte ngokubuyela emsebenzini, nabo bamangele.

Uthe udaba bazoludingida.

UMadlala nokhulumela umasipala uMnuz Siya Maphalala, abazange baphendule ngalolu daba izolo.