UBOSHWE wathweswa icala lokubulala owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala, osolwa ngokubasa ingomane yomlilo maqede wosa ingane yakhe enezinyanga ezingu-10 yashona, wabe eseyishutheka esakeni lempuphu wathi ilahlekile kanti usenga ezimithiyo.
Owesifazane waseMatiwaneskop, eMnambithi, uboshwe kuleli sonto emuva kokuthi uphenyo olunzulu lwamaphoyisa lukhombe ukuthi umhlola usekhaya.
Akuqondakali ukuthi unina wengane ubedinwe yini aze akhethe ukosa usana lwakhe. Kuthiwa wabona ukuthi uyedwa ekhaya, unethuba lonke wabasa ingomane yomlilo, wase ebamba ingane eyiphosa elangabini.
Kuthiwa yakhala yaze yathula kulo ilangabi sekuphume umphefumulo engayidabukeli ngisho ikhala.
Wayithatha isingamalahle wayithukusa esakeni wayibeka khona kubo. Emva kwalokho wadinda isililo wathi ucela ukufuniswa ingane yakhe elahlekile. Kwabikwa yonke indawo kwacingwa, kwaphunywa inqina kamabuyaze ingazange itholakale ingane.
Umthombo owazi kahle udaba, uthe amaphoyisa ahlala phansi nonina wengane amhlaba ngemibuzo, azibona izimpawu zokuthi ngathi uyawakhohlisa.
“Amaphoyisa abhudula endlini nangempela avumbuka naso isidumbu sengane sithukuswe esakeni. Uma ebuzwa unina wengane wabakaza engasazi uzothini, kwacaca ukuthi kukhona akwaziyo, wayeseboshwa ngaleso sikhathi,’’ kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa kukanina wengane wathi uzovela eNkantolo yeMantshi eMnambithi ngoMeyi 20 ebhekene necala lokubulala.
Kuthiwa udaba lokosiwa kwengane lwethuse umphakathi wasala ushaqekile, uzibuza ukuthi yini engaka ebimhlasele unina wengane aze ayiphose eziko iphila.