UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize uthi iWestern Cape iqengqeleza phambili ngesibalo sabantu abahaqekile nabashonile Isithombe: GCIS UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize uthi iWestern Cape iqengqeleza phambili ngesibalo sabantu abahaqekile nabashonile Isithombe: GCIS
EBANTWINI abathathu kwabane abahaqekayo kuvele izolo ukuthi basuke bengabaseWestern Cape.
Lokhu kuvele ezibalweni ezidalulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize. Okwamanje isibalo sabashonile sesifinyelele kwaba ngu-17 bese abayisishiyagalolunye ngabaseWestern Cape- okunye ukuthi isibalo esiphezulu sabashonile siqhamuke kulesi sifundazwe.
Lokho kuchaza ukuthi u75% wabantu abangu-663 abasanda kutheleleka ngaleli gciwane baqhamuka kulesi sifundazwe esesinenqwaba yabantu asebedlule emhlabeni ngenxa yalolu bhubhane.
UMkhize uthe izikhulu ezizobe ziqhamuka emnyangweni wezempilo kuzwelonke zizovakashela kulesi sifundazwe nase-Eastern Cape ngale mpelasonto.
Ngesonto elizayo uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa noMkhize bazovakashela kulezi zifundazwe njengoba sikhuphuka ngokushesha isibalo sabantu abahaqwe yiCOVID-19.
EWestern Cape sebebalelwa ku-4 497 asebehaqekile futhi lesi sifundazwe sizihola phambili ngokuba nabantu abangu-88 abangasekho emhlabeni, okuyisibalo esiyingxenye yasebeshonile ezweni lonke jikelele.
Ngokwezinombolo, iWestern Cape inabantu abangu-503 kwabasanda kutholakala ukuthi sebethelelekile, abangu-663 nabangu-9 kwabangu-17 okusanda kubikwa ukuthi abasekho emhlabeni.
Abanye ababili abashonile ngabaseKZN, kuthi abathathu baqhamuke e-Eastern Cape naseGauteng, isifundazwe ngasinye. EGauteng bangu-131 abasanda kutholakala ukuthi sebethelelekile, e-Eastern Cape bangu-60 kuthi eKZN babe ngu-49.
ABASANDA KUSHONA
ABASANDA KUHAQEKA
ESABAHAQEKILE
ESABASHONILE
South Africa
17
663
8895
178
Western Cape
9
503
4497
88
Gauteng
3
131
1851
18
KZN
2
49
1253
42
Eastern Cape
3
60
989
18
Free State
0
0
133
6
Mpumalanga
0
1
60
0
Limpopo
0
2
43
3
N West
0
2
42
0
N Cape
0
0
27
0
INingizimu Afrika seyihlole abantu ababalelwa ku-307 000 , okubandakanya nabangaphezu kuka-15 500 abahlolwe emahoreni abalelwa ku-24. Eqhuba uMkhize uthe babalelwa ku-8.2 million abantu osekukhulunywe nabo ngenhloso yokubheka ukuthi akumele yini bahlolwe. UMkhize uthe zibalelwa ku435 iziguli eziphethwe yiCOVID-19 ezibhedlela.
Ezingu45 zise-high care
Ezingu77 zisemaginjini abantu abaxineke kakhulu
Ezingu40 zikuma-ventilators