Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe
ITHOBELE umthetho kahulumeni inkosi Mbusowabathethwa Mthethwa, yalihlehlisa icala lomfundisi weZayoni osolwa ngokufuya imfene, okuthiwa ubonakale nayo emzini womuntu ebusuku ngeSonto eledlule.
Umfundisi waseCingci, ngaphansi kobukhosi baKwaMthethwa, eMpangeni, umangalelwe enkosini yesizwe emuva kokuthi abomndeni wakwaMnikathi bemsole ngokuguduza umuzi wabo nekhonde ebusuku belele.
Isolezwe ngeSonto libikile ngalolu daba ngesonto eledlule futhi bekulindeleke ukuthi icala liqulwe ngoLwesibili kuleli sonto kodwa lwangahlala.
Inkosi ike yaxhumana nezinhlangothi ezithintekayo ngesonto eledlule baluthi halamuzi udaba lwemfene.
Umthombo othembekile olokhu upotshozela Isolezwe ngeSonto, uthi inkosi inqume ukulumisa udaba ngoba akuvumelekile ukuhlangana kwabantu njengoba kusaliwa negciwane i-Corona.
Inkosi ithi bekuzofanele kufike abantu abaningi kakhulu esigodlweni sayo uma izolalela lolu daba.
Kuthiwa inkosi yesizwe ikhale nangokuthi njengoba selusemaphepheni udaba selubhekwe ngamehlo abomvu, ingase ingene enkingeni uma ihlanganisa abantu.
Induna yenkosi, uMnuz Mthethwa onqabile negama lakhe, uthe inkosi ilumisile udaba, alubange lusangena.
“Kuzosho yona inkosi uma sekufanele lungene udaba. Lumisiwe okwamanje alungenanga namuhla (esho ngoLwesibili),’’ kusho uMthethwa.
Umthombo uthi udaba kuphuzwa ngalo itiye endaweni, abantu bayalubabaza abaqedi luze luxoxwe nakwiFacebook.
Kuthiwa umfundisi osolwayo usekhona endaweni kodwa akamuhle kahle njengoba abantu bembuka ngeso elibi.
Ngesikhathi kubonakala imfene kusuke isidumo waze walanyulelwa wukubizwa kwamaphoyisa.
Inkosi imyalele ukuthi axhumane namaphoyisa ukuze kuxoxwe ngokuphepha kwakhe ngoba umphakathi awumnambithisisi kahle.