UNGQONGQOSHE wezeMfundo kuleli uNkk Angie Motshekga. Isithombe: GCIS UNGQONGQOSHE wezeMfundo kuleli uNkk Angie Motshekga. Isithombe: GCIS
IZINYUNYANA zothisha zisho ngazwi linye ukuthi amalungu azobuyela emsebenzini kuphela uma uMnyango wezeMfundo sewenze konke okufanele ukuvikela impilo yabo egciwaneni i-Corona.
Izikole zamiswa ukufunda emuva kokubheduka kwe-Corona, nehlalise manzonzo abantu kumanje. Izinyunyana iSadtu, Natu, Naptosa, PEU ne-SAOU zikhiphe isitatimende ngokuhlanganyela zibeka imibandela yokubuyela kothisha ezikoleni.
Bebephendula inkulumo kaNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, omemezele ukuthi izikole zizoqala ukufunda ngoJuni 1, ngaphansi kwemibandela eqinile.
Isinqumo sikahulumeni sokuvula izikole sidale omkhulu umsindo kukhalwa ngokuthi lokhu kuzobeka izimpilo zabantu engcupheni yokuthelelana nge-Corona. Izinyunyana zithi zifuna uhulumeni agcine izethembiso zakhe zokuvikela abasebenzi nabafundi ngoba uma ehluleka ukwenza lokho, zizowuthathela izinyathelo umnyango.
‘’Umthetho ukubeka kucace ukuthi umqashi kufanele alandele yonke imigomo yokuqinisekisa ukuthi impilo yabasebenzi iphephile. Kufanele kube nemithi yokuhlamba izandla yonke indawo nezifonyo zisemqoka uma kunje. Ithimba kufanele liqikelele ukuthi yonke into imi ngomumo,’’ ngokwesitatimende esihlanganyelwe.
Izinyunyana zithi zisazocela umhlangano nongqongqoshe bese onobhala bezifundazwe becele imihlangano nongqongqoshe bezemfundo ezifundazweni ukuze kuxoxwe kabanzi ngazo zonke izinhlelo, ukuziqinisekisa ukuthi uhulumeni ugcina izethembiso zawo zokuvikela abasebenzi.
‘’Uma kukhona izinselelo ungqongqoshe kufanele akhulume nesizwe esidlangalaleni achaze ukuthi zizosonjululwa kanjani. Uma kungalungi ngeke abasebenzi baye emsebenzini ngoba abakwazi ukugembula ngezimpilo zabo."
Izinyunyana zicele uhulumeni ahlinzeke abaholi bazo ngezimvume zokuhamba ukuze zihlole ukuthi kuhamba kahle emahhovisi omnyango ezifundeni. Isitatimende siveze nokuthi izinyunyana zizohlola amalungiselelo uma kukhona lapho kuxega khona ngeke zisonge izandla.