INKUNDLA yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini, ingenye yalezo ebezisingethe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngo-2010 nengase ibe yisibhedlela sesikhashana sokwelapha iCorona Isithombe : LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) INKUNDLA yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini, ingenye yalezo ebezisingethe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngo-2010 nengase ibe yisibhedlela sesikhashana sokwelapha iCorona Isithombe : LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
ZINGASE zisebenze njengezibhedlela zesikhashana zokwelapha abanegciwane iCorona (Covid -19) izinkundla zebhola lezinyawo ezasebenza ngesikhathi seNdebe yoMhlaba kuleli.
Isolezwe ngeSonto lihletshelwe wumthombo osondelene kakhulu nezingxoxo nezinhlelo zokwelapha lo mkhuhlane odla lubi ezweni.
Umthombo uthi uhulumeni ucabanga amaqhinga amaningi okwelapha kodwa angeke adle imali eningi uma kwenzeka isimo siba sibi kakhulu maqondana nobhubhane.
“Sebeke bathintwa abaphethe izinkundla bebuzwa ngokuthi babona kanjani ngesiphakamiso.
“Ayikho into abebengayisho ngoba kwenziwa noma yini ukuzama ukunqanda isifo,’’ kusho umthombo olwazi kahle lolu daba.
Ugcizelele ukuthi akukafikwa esivumelwaneni esingujuqu kodwa bebebekwa esithombeni abaphethe izinkundla ukuze bahlale bemi ngomumo uma kwenzeka bethintwa.
Umthombo uthe uhulumeni ubona sengathi lokhu ngeke kuphazamise lutho ngoba vele ibhola lisamisiwe ngenxa yawo umkhuhlane.
I-China ingelinye lamazwe amangaze umhlaba ngokwakha izibhedlela ezidle izizumbulu zemali ngesikhakhathi esincane ihlaselwe yiCorona, ebisho ukuqeda ngezwe.
Abezinkundla bavumelene nohulumeni bathi bavule izandla uma kufika kuleso sigaba.
Kumanje isibalo sabantu abahaqekile silokhu sikhule njalo futhi sekukhona nabalahlekelwe yimpilo ngenxa yobhubhane.
Idolobha iTheku lihlonzwe njengesizinda seCorona njengoba abaningi abahlabekile bekhonjwa kulo nosekudale ukuthi uhulumeni aqinise isandla khona.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Popo Maja, uthe udaba lwezibhedlela zesikhashana seluke lwabhungwa kabanzi kwabekwa imibono eminingi.
“Akukho okunqunyiwe kwaba wujuqu kodwa udaba luxoxwa ezingeni eliphezulu kuhulumeni.
“Izibhedlela zesikhashana zingaba wusizo ngoba aziyidli imali eningi siyakwazi ukonga sibe selapha abantu abaningi,’’ kusho uMaja.