Izindaba

'Ugesi ngeke ucishwe ebusika' - Eskom

Mcebo Mpungose|Published

NgoMsombuluko abakwa-Eskom bathe ukuvalwa kwezwe yikho okonge ugesi kuleloi njengoba kuphoqe ukuvalwa kwamabhizinisi asebenzisa ugesi omningi okubalwa kuwo izimayini nezinkampani zomkhiqizo. Isithombe: Neil Hall Reuters NgoMsombuluko abakwa-Eskom bathe ukuvalwa kwezwe yikho okonge ugesi kuleloi njengoba kuphoqe ukuvalwa kwamabhizinisi asebenzisa ugesi omningi okubalwa kuwo izimayini nezinkampani zomkhiqizo. Isithombe: Neil Hall Reuters

INKAMPANI ephehla ugesi eNingizimu Afrika, i-Eskom, isiqinisekise abantu bakuleli ukuthi kungaze kushaye uJulayi unganqanyulwa ugesi kuleli ngenxa yokudingeka kukagesi njengoba kubhekwene negciwane iCovid-19. 

NgoMsombuluko abakwa-Eskom bathe ukuvalwa kwezwe yikho okonge ugesi kuleli njengoba kuphoqe ukuvalwa kwamabhizinisi asebenzisa ugesi omningi okubalwa kuwo izimayini nezinkampani zomkhiqizo. 

Ngesikhathi ememezela ukuvalwa kwezwe ngenyanga edlule, uMengameli Cyril Ramaphosa waveza ukuthi izimayini ezikhiqizela i-Eskom amalahle zizoqhubeka zisebenze, kwavalwa ezikhiqiza igolide, idayimani, ne-iron. 

Ngaphandle kwezimayini, ukumiswa kwezitimela, ezidla ugesi omningi, kanye nezitolo ezidayisa ukudla okusheshayo nakho kunomthelela ekongekeni kukagesi kuleli.

Ngemuva kwezinsukwana kuqalile ukuvalwa kwezwe, i-Eskom yamemezela ukuthi kwehlile ukusetshenziswa kukagesi kuleli. Ngemuva kwesimemezelo sikaRamaphosa sokwelula isikhathi sikathaqa ngamasonto amabili, oNgqongqoshe abayingxenye yomkhandlu obhekelele ukulwa neCovid-19 kuleli bathambisa eminye imithetho kathaqa njengokuvunyelwa kwezimayini ukuthi zibuyele emsebenzini. 

Okhulumela i-Eskom, uMnuz Sikonathi Mantshantsha, uthe ukuvulwa kwamanye amabhizinisi ngeke kuwuthikameze ugesi kakhulu. Uthe basebenzise isikhathi sikathaqa ukulungisa izinkinga eziphuthumayo nokunye kwingqalasizinda yakwa-Eskom. 

Ithe abasebenzi bayo emphakathini bazobe bephethe amaphemithi abagunyazayo ukusebenza futhi bazobe bephethe nomazisi. 

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/LockdownSA?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#LockdownSAperiod have been issued with identifying permits and a letter from Eskom with a contact number for verification. The employee must possess his/her ID.

Guard against bogus officers pic.twitter.com/9qprOki5rn

— Eskom Hld SOC Ltd (@Eskom_SA)

I-Eskom ezinkundleni zokuxhumana iphinde yakhumbuza abantu ukuthi babike ngezinkinga zikagesi ezikhona, noma ngabantu abantshontsha izintambo zikagesi kanye nabawuxhume ngokungemthetho.