UNGQONGQOSHE wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel usekhumbuze abantu bakuleli ukuthi kusavaliwe ukudayiswa kokudla okuphekiwe ezitolo. Isithombe: Pexels UNGQONGQOSHE wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel usekhumbuze abantu bakuleli ukuthi kusavaliwe ukudayiswa kokudla okuphekiwe ezitolo. Isithombe: Pexels
UNGQONGQOSHE wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel usekhumbuze abantu bakuleli ukuthi kusavaliwe ukudayiswa kokudla okuphekiwe ezitolo.
UPatel ukhumbuze abantu bakuleli lokhu ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kusanezitolo zokudla ezisadiyiswa ukudla okuphekiwe okubalwa kukho inkukhu, amashibusi amazambane, kanye nokunye ukudla okusheshayo ngesikhathi sokuvalwa kwezwe kuze kuphele u-Ephreli. NgoLwesine ongqongqoshe bakhulume nabantu bakuleli esithangamini nabezindaba bememezela izinguquko kwimithetho kathaqa emasontweni amabili ezayo.
"Ngifisa ukucacisa odabeni lokudayiswa kokudla okuphekiwe. Ngesikhathi kuvalwa izindawo zokudlela (restaurants), saveza nokuthi izitolo ezinkulu kumele zimi ekudayiseni ukudla okuphekiwe. Njengamanje umthetho usamile futhi ucacile, abavumelekile ukudayisa ukudla okuphekiwe.
Kuleli sonto umpheki uLuyanda Mafanya ususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi eveza ukuthi i-Companies and Intellectual Properties Commission (CIPC) imphuce incwadi emnikeza imvume yokuthi adayisele abantu ukudla kwabo ngokubahambisela.
"Ukudla okuphekiwe akusona isidingo esibucayi. Ukuthutha kuvumeleke kuphela uma uthutha imikhiqizo ebucayi edingekayo kulesi sikhathi," kusho uPatel.
Akusiyena uMafanya kuphela ozidonsele amanzi ngomsele ngokudayisa ukudla okuphekiwe njengoba nenye indawo yokudlela eCape Town, iThe Lawns, nayo iziqhathe nomthetho kulandela ukukhangisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi iyaqhubeka nokudayisa ukudla. Le ndawo nayo iphucwe incwadi ebiyigunyaza ukuthi isebenze ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.
Khonamanjalo, ungqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMnuz Jackson Mthembu uthe isamile imithetho yokungadayiswa kukatshwala nogwayi ngesikhathi sikathaqa.
"Ukuthutha utshwala akuvumelekile ngaphandle uma buhanjiswa ezinkampanini ezikhiqiza imikhiqizo yezempilo neyokukhuculula," usho kanje.