Izindaba

Kushiswe umuzi wesangoma 'esidlwengule' indoda

Nonthuthuko Ngubane|Published

Isithombe: Sigciniwe Isithombe: Sigciniwe

ZISIKHALELE kwaphinde kwashiswa nomuzi waso isangoma esineminyaka engu-37 esisolwa ngokudlwengula siphindelela ithwasa eBambanani, KwaZibusele, ngaseNew Hanover.

Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu kulandela uphenyo lwamaphoyisa ngokudlwengulwa kowesilisa oneminyaka engu-27.

Ngokuthola kweSolezwe umgilwa ubedlwengulwa wugobela wakhe ongumuntu wesilisa kusukela ngoNovemba 2019 kuze kube yimanje.

Kunezinsolo eziqinile zokuthi kukhona namanye amathwasa esilisa abewadlwengula ngoba ekholwa wukuthi uqinisa umuthi wakhe umsolwa.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi umgilwa wabaleka lapho abethwasiswa khona okuyilapho kuqhumbuke khona ithumba ngokwenzeka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kulindeleke ukuba umsolwa avele enkantolo yaseNew Hanover namhlanje.

“Amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya icala lokudlwengulwa kowesilisa oneminyaka engu-27. Ngokophenyo umgilwa ubedlwengulwa ephindelelwa kusukela ngoNovemba 2019. Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-37 ngoLwesihlanu. Uzovela kusasa (namhlanje) enkantolo yaseNew Hanover ezobhekana necala,” kusho uCaptain Gwala.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi ngeSonto kuse umuzi wenyanga ushisiwe.

“Abantu basendaweni badinwe kakhulu ngalokhu okuvele ukuthi bekwenzeka kulo muzi wenyanga. Umuzi akwaziwa ukuthi ushiswe ubani kodwa ngeSonto kuse usha. Bekungekho muntu ngoba unkosikazi wenyanga nezingane babalekile emuva kokuboshwa kwayo,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.

Ikhansela uMnuz Bright Mkhize, eliphinde libe nguSihlalo we-IFP ngaphansi koMshwathi, lithe bashaqekile futhi badumele ngokwenzeke kule ndawo.

“Engingakusho wukuthi kusishaqisile sonke okwenzekile ngoba izinyanga sizazi zingabantu abasiza abantu ngokwelapha. Okwenzekile kuzokwenza abantu bangabe besazithemba uma ziphinde zilale nabafana. Okubuhlungu wukuthi bonke abantu abathintekayo abakhona endaweni. Sizocela nokho ukuba kudedelwe amaphoyisa enze umsebenzi wawo,” kusho uMkhize.

Ngokuthola kweSolezwe baningi abanye abafana bakule ndawo okuvele ukuthi bebeyizisulu zale nyanga kodwa ngokwamaphoyisa linye icala lokudlwengula eliphenywayo.