Izindaba

Iphoyisa likhala ngamasosha alishaye alishiya liyisigoga

KHETHA SANGWENI|Published

USayitsheni Simon Simiso Mncube uthi ubezihlalele nabafowabo egcekeni bebaningi ngesikhathi bethelekelwa ngamasosha ehamba namaphoyisa aqala abahlaba ngemibuzo. USayitsheni Simon Simiso Mncube uthi ubezihlalele nabafowabo egcekeni bebaningi ngesikhathi bethelekelwa ngamasosha ehamba namaphoyisa aqala abahlaba ngemibuzo.

LISHAYWE ngamasosha namaphoyisa lasala liyisigoga iphoyisa lesiteshi eCato Manor (KwaKito ), eMayville ebelihleli egcekeni kubo nabafowabo, nabo abathole amachaphazelo esibhaxu.

USayitsheni Simon Simiso Mncube uthi ubezihlalele nabafowabo egcekeni bebaningi ngesikhathi bethelekelwa ngamasosha ehamba namaphoyisa aqala abahlaba ngemibuzo.

Umgilwa lo uxoxe neSolezwe ngeSonto esalele esibhedlela esizimele eThekwini lapho abexilongwa khona.

Ngesikhathi elanda udaba lwakhe ubezwakala ukuthi usezinhlungwini.

Uthe uphoxekile ngendlela abahlukumezeke ngayo nabafowabo ngoba bebehleli ngaphakathi egcekeni bengagcaluzi emgwaqweni kodwa bashaywa khona kunjalo.

UMncube uthi bebebabuza ukuthi bahlaleleni isixongololo ngoba akuvumelekile, bathi bazama ukuchaza ukuthi kukubo bashaywa.

Uthe amasosha namaphoyisa abebasola ngokwephula imigomo yokuzivalela endlini ngenhloso yokunqanda ukusabalala kweCorona esidlule nemiphefumulo.

UMncube uthi nabafowabo abebezama ukuchaza badliwe yibhuzu lamasosha. Uthe uyawuhlonipha umthetho wezwe kodwa ukholwa wukuthi umuntu onecala kumele aboshwe abhekane necala hhayi ukunabiswa ngenduku aze alimale

“Amaphoyisa abekhona yilawa engisebenza nawo esiteshini, abehamba namasosha. Ngizamile ukuchaza ukuthi ngiyiphoyisa nami ngashaywa ngequpha ngakhahlelwa ngaze ngalimala. Ngibuya esibhedlela ngoba ngiqhumile eqakaleni ngayofaswa ngensimbi,’’ kubalisa uMncube.

Uthe ngeke athule kanjalo nje ekubeni elimele yingakho ephume esibhedlela wanikela emaphoyiseni eyovula icala lokushaywa kabi

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapteni Nqobile Gwala, uthe icala livuliwe esiteshini eCato Manor kodwa lisaphenywa.

“Amaphoyisa aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza elivulwe esiteshini eCato Manor ,’’ kusho uKapteni Gwala.

Ngokwejayelekile uhlobo lwamacala afana nalawa awavamile ukusetshenzwa amaphoyisa qobo lwayo. Avame ukuvulwa bese edluliselwa ophikweni olufanele.

Okhulumela uphiko oluqapha ukusebenza kwamaphoyisa, uMnuz Sontaga Seisa, uthe icala belingakafiki ezandleni zabo.