OKHULUMELA i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Ricardo Mthembu uthi bashaya umthandazo omncane wokuthi kuphele iCorona ukuze baqhubeke nezingqungquthela zabo zezifunda zokukhetha ubuholi obusha Isithombe : FACEBOOK/ RICARDO MTHEMBU OKHULUMELA i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Ricardo Mthembu uthi bashaya umthandazo omncane wokuthi kuphele iCorona ukuze baqhubeke nezingqungquthela zabo zezifunda zokukhetha ubuholi obusha Isithombe : FACEBOOK/ RICARDO MTHEMBU
I-ANC KwaZulu-Natal ithandazela ukuthi ubohle umkhuhlane weCorona, isimo sibuyele kwesejwayelekile, ukuze iqhubeke nohlelo lwayo lokuba nezingqunguthela zayo zezifunda eziphazamisekile.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Ricardo Mthembu, uthi ukuhlehla kwezinhlelo zokuba nezingqungquthela kushaya namalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo.
UMthembu uxoxe kabanzi ngezinhlelo zeqembu eziphazamisekile, wathi bahlalele ethembeni lokuthi kuzolunga.
Ugcizelele ngokuthi bayawuhlonipha kakhulu umyalelo kahulumeni, wanxusa nabanye abantu ukuba bawuthobele.
Amaqembu amaningi KwaZulu-Natal asevele aqalile ukuxoxa ngamalungiselelo okubanga omasipala ngonyaka ozayo, uMthembu uthi bagqemeke engeqiwa ntwala njengoba bengazi nokuthi iCorona izodamuka nini.
Kubheduke iCorona ngesikhathi i-ANC isiqala ukubiza imihlangano yamagatsha yokulungiselela izingqungquthela. Kwezinye izifunda kubambe ubuholi besikhashana obulungiselela izingqungquthela njengoba ubuholi buhlakaziwe.
UMthembu uthi izingqungquthela kufanele zibe kulo nyaka noma ngabe liduma lishaya umbani okhasa phansi.
“Sishayekile kakhulu ngendaba yeCorona kodwa bekufanele sithobele umthetho wezwe. Ukuba khona kwezingqungquthela kuzosiza ukuthi kufike ukhetho sesimi ngomumo yingakho ngithi izingqungquthela zizoba khona noma kanjani kulo nyaka,’’ kusho uMthembu
Uthe banethemba lokuthi uma kwedlula isikhathi somkhuhlane bazobuyela bayoxoxa ukuthi baqhubeka kanjani nohlelo lwabo lokukhetha.
Phakathi kwezifunda obekufanele zikhethe kukhona iLower South Coast, iGeneral Gizenga Mpanza, yiTheku neMoses Mabhida.
Esinye isifunda esisanda kuhlakazwa yiJosiah Gumede ngaphansi kwayo okukhona uMasipala i-Alfred Duma waseMnambithi ohlaselwe yizinkinga.
Isinqumo sokuhlakaza ubuholi balesi sifunda, sithathwe emuva kokumiswa kweMeya yase-Alfred Duma, uMnuz Vincent Madlala.
Ezifundeni ezehlukene kuvele kuqalile ukuphakanyiswa kwamagama abangase bathathe izikhundla ikakhulukazi esikasihlalo esivame ukubangwa kakhulu ngokufanayo nesikanobhala.
Isolezwe ngeSonto likhulume cishe nabo bonke abacuthele esikasihlalo kulezi zifunda okumele zikhethe, bazwakalisa ukuthi nakanjani bazosingenela esikasihlalo.
Inhloso enkulu yeSolezwe ngeSonto ngokubanika ithuba, bekungukuthi baqinisekise ukuthi ngempela baphakanyisiwe futhi nabo bavumelene nesiphakamiso samalungu kaKhongolose nokuyinto abayiqinisekisa.
Isolezwe ngeSonto lizophinde likuveze ukuthi lakhuluma noMnuz Mthandeni Dlungwane, obephethe uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, njengoba engomunye ophakanyiswe ngamalungu kaKhongolose eMsunduzi kodwa yena wagcina ngokuxolisa wathi ngeke akwazi ukuba nengxoxo naleli phephandaba.