Izindaba

Abelaphi bendabuko bakhala ngokushaywa indiva

Charles Khuzwayo|Published

UDKT Musa Zulu weMaz Herbal Product uthi kudingeka ibhodi labelaphi elizosebenzisana nohulumeni UDKT Musa Zulu weMaz Herbal Product uthi kudingeka ibhodi labelaphi elizosebenzisana nohulumeni

BATHUKUTHELE babhodla umlilo abelaphi bendabuko futhi basola uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokubakhipha inyumbazane.

Laba belaphi abanamakhemisi esintu bathi uhulumeni uvumele odokotela basentshonalanga kuphela ukuba basebenze njengoba kusavaliwe ukusebenza kwezwe okujwayelekile ekubeni nabo kunezifo ezibahlulayo.

Omunye wabo nguBathabile “Gog’ uBusani” Khumalo waseMkhambathini kodwa onekhemisi eMgungundlovu elibizwa ngeKwaNdlondlo.

UGog’ uBusani uthe nabo kabavunyelwe ukuba basebenze ngoba kuneziguli zabo eziphethwe yizifo ezihlukahlukene ezibehlulayo odokotela basentshonalanga.

“Kumanje abantu abagula kakhulu bashaya izingcingo badinga usizo kodwa angikwazi ukubasiza kanti bathembe mina. Noma uthi uyamhambisela umuthi umuntu, kufuneka imvume.

“Kunezifo esikwaziyo ukuzilapha nathi ezidinga imithi yesintu njengelumbo, ikhanda elingapholi, isifuba sedliso, umhluma, izizwe, isifo sohlangothi nezinye.”

Uthe okubuhlungu kakhulu bona baziphilisa ngalo msebenzi wedlozi oncikiselayo njengoba bengaziqedanga nezikole ngenxa yokungenwa yidlozi.

NoDkt Musa Zulu weMaz Herbal Product futhi onamakhemisi ayisikhombisa ezifundazweni ezintathu zakuleli nefemu ekhiqiza imithi yesintu neyesilungu, uthe iziguli zabo zifela ezindlini ngoba kabavunyelwe ukuzisiza.

“Umuntu nje ofuna ukuthwasa ngeke aya kodokotela basentshonalanga kodwa udinga thina belaphi bendabuko ukuba simsize. Sizomsiza kanjani singenamvume yokunyakaza?”

Uthe yena ubambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni umnotho wakuleli nasekuvuleni amathuba emisebenzi njengoba eqashe abantu abangaphezu kuka-100.

Nesangoma esingusaziwayo futhi esinengosi ohlelweni lukaVanessa Marawa kwiVuma FM ngoLwesine ngo-11 ekuseni, uThando “Pimp Dlozi” Khambule (26), uthe idlozi lilwa nabo njengoba bengasebenzi.

“Idlozi aliyiqondi indaba yokuvalwa kwezwe, lifuna ubuye uhlabe kushaywe nesigubhu. Uma ungakwenzi lokhu lilwa nawe.

“Uhulumeni akanandaba ngoba idlozi alishayi yena kodwa lishaya thina,” kusho uPimp Dlozi onekhemisi eMbali.

“Nomengameli weKZN Traditional Healers Association, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe kuzomele nabelaphi bendabuko banikezwe ithuba lokwelapha iCorona ngoba mhlawumbe ikhambi lokuyelapha lilapha eNingizimu Afrika.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uNksz Noluthando Nkosi, uthe: “Emasontweni adlule, uNgqongqoshe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu nenhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala, bebehlangene nabelaphi bendabuko kudingidwa yona indaba yeCovid-19.

“Ngaphezu kwalokho, Abelaphi bendabuko bayayazi imigomo abayilandelayo ukuze kuxoxiswane ngezikhalo nezicelo zabo.”