Isithombe esigciniwe: Pexels Isithombe esigciniwe: Pexels
SEKUQUBULE imibuzo ukusetshenziswa kwemali ewuR22 million yokuthengela abahlala emigwaqweni izingubo zokulala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe thaqa.
Kuthiwa kunabathile abaphula imigomo elawula ukukhishwa kwamathenda ngenhloso yokukhwabanisela uhulumeni.
UNkk Nonhlanhla Khoza, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe ngeke ayibekezelele inkohlakalo wathi akuqalwe uphenyo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Mhlaba Memela, uqinisekisile ukuthi kayilandelwanga imigomo elawula ukukhishwa kwamathenda.
UMemela uthe emuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele inhlekelele ngokubheduka kobhubhane iCoronvirus, kwathathwa njengento ephuthumayo
ukuthengwa kwezingubo zokulala kulandelwa imithetho yoMnyango weziMali kuzwelonke. Umnyango uthenge izingubo eziwu-48 000 emuva kwesimemezelo.
UMemela uthe izingubo ezisezingeni zibiza uR350 kuya kuR559 iyinye.
Ziwu-36 000 izingubo ezithunyelelwe umnyango ukuba uzisabalalise ezikhungweni ezigcine abahlala emigwaqweni esifundazweni.
UMemela uthe umnyango ulinde izingubo eziwu-12 000 ozozigcina uzisebenzise uma kunenhlekelele ngomuso.
“Sijwayele ukuthenga
izingubo zokulala nezinye izinto ezimqoka ezithunyelwa ezifundeni uma kunomlilo, izikhukhula nezinye izinhlekelele ezehlela imiphakathi. Umehluko manje wukuthi esikhundleni sokusebenzisa inkampani
eyodwa enkulu, sisebenzise izinkampani eziyisithupha ezisathuthuka emiphakathini ukuba zisihlinzeke ngezingubo,” kusho uMemela.
Uthe kuyaphoxa ukuthi kunabantu abafuna ukwakha sithombe sokuthi kunenhlese yokukhwabanisa emnyangweni.
“Ngokwazi kwethu akubanga nankohlakalo,” kusho uMemela.
UMemela uthe kungenzeka abantu abebegaqele ithenda abadwebe isithombe senkohlakalo emuva kokunikwa kwamabhizinisi amancane ithenda.
UMnuz Raymod Perrier, umxhumanisi enhlanganweni iNational Homeless Network, uthe kuzomethusa uma kutholakala ukuthi kunezikhulu ezisebenzisa igama labahlala emigwaqweni ukudla imali.