Izindaba

Kuxwayiswa abagoloza ukuhlolelwa iCorona

KHETHA SANGWENI|Published

UNXUSA abantu ukuba bangagolozi ukuhlolelwa iCorona uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane -Zulu ,obehambele eMlaza ngoMqgubelo. Isithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA) UNXUSA abantu ukuba bangagolozi ukuhlolelwa iCorona uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane -Zulu ,obehambele eMlaza ngoMqgubelo. Isithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA)

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane -Zulu, uxwayisa abantu ukuthi bangagolozi ukuhlolelwa igciwane, iCorona ngoba bayothathelwa izinyathelo zomthetho.

UNkk Simelane-Zulu uxwayise kanje ngesikhathi ehambele umphakathi waseMlaza, eThekwini ngoMgqibelo ekuseni eyobonana nabantu bakhona. Kule ndawo kuvele ukuthi kunabantu abahaqekile abahloliwe kwaqinisekiswa lokhu.

Ungqongqoshe uthe ithimba lomnyango wakhe elihamba lihlola abantu, selimi ngomumo futhi uhlelo luzokwethulwa ngokusemthethweni nguNdunankulu, uMnuz Sihle Zikalala esontweni elizoqala.

Unxuse abantu ukuthi babambisane nohulumeni ukuze kunqotshwe ubhubhane.

“Ngeke kube yiwo wonke umuntu ohlolwayo kodwa ithimba uma libona ukuthi umuntu ufanelwe wukuhlolwa kuzophoqeleka ukuba ahlolwe.

“Uma umuntu enqaba, singaya nasenkantolo sithole incwadi esigunyaza ukuba simhlole,’’ kuchaza uNkk Simelane-Zulu.