UCEBA umkhandlu emajajini uMnuz Sipho Nzuza oyiMenenja kaMasipala waseThekwini omisiwe emsebenzini njengoba ebhekene necala lenkohlakalo. Isithombe: ANA UCEBA umkhandlu emajajini uMnuz Sipho Nzuza oyiMenenja kaMasipala waseThekwini omisiwe emsebenzini njengoba ebhekene necala lenkohlakalo. Isithombe: ANA
SEKUVELE ukuthi iMenenja kaMasipala waseThekwini uMnuz Sipho Nzuza ibopha umkhandlu, ikhala ngokuthi ukumiswa kwayo emsebenzini kuphambene nomthetho ngoba yayizicelele ikhefu.
UNzuza umiswe emsebenzini emuva kwesinqumo somkhandlu esithathwe emhlanganweni. Umdonsiswano usukela ekuboshweni kukaNzuza ngecala lenkohlakalo lapho avela khona njengommangalelwa ka-17 elandelena noNkk Zandile Gumede oke waba yimeya, ongummangalelwa ka-16.
Le menenja yavela enkantolo kwahlehliselwa ku-April 16 okumele ibuye ngawo njengoba ingaphandle ngebheyili kaR50 000.
Indaba ingethenda yokuqoqwa kukadoti okusolwa ukuthi baningi abathola kuyo amaqatha omngenandlini. Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo osondelene nodaba ukuthi uNzuza akayizwa kahle eyokumiswa kwakhe yingakho eluyisa enkantolo udaba.
UNzuza ngaphambi kokumiswa, ubecele ikhefu lamasonto amabili.
Uthe esahleli ekhaya walandelwa yincwadi yeMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, icela izizathu zokuthi kungani kumele angamiswa emsebenzini. Wazithumela izizathu, kwasho ukuthi uKaunda nomkhandlu bazifunde banikina amakhanda, njengoba egcine emisiwe.
Kuthiwa udaba seluvele lusezandleni zogalagala lommeli njengoba lungase lulalelwe enkantolo enkulu.
“Le ndoda imile ekutheni abukho ubulungiswa ngokumiswa kwayo ngoba yazicelela ikhefu futhi bakhona abanye ababoshiwe abangakaze bamiswe abangamakhansela emkhandlwini. Udaba ilufakile kubameli abasacubungula isinqumo sokumiswa kwayo,’’ kusho umthombo.
Ethintwa uNzuza uthe akakwazi ukukhuluma kakhulu ngodaba ngoba lusingethwe ngabameli bakhe abacele ukuba balufake enkantolo. Uthe uyokhuluma nabezindaba uma isikhathi sesifikile, wacela ukuba kuhlonishwe lokhu.
Umthombo uqhubekile wazikhininda wathi uNzuza useyangabaza ukuthi uzoshushiswa ngobulungiswa ngoba abaphenyi sebeke bathatha ucingo lwakhe kepha bangamchazela ukuthi kumayelana nani kanti umthetho uthi kufanele bamchazele uma kukhona abayokuphenya.
Umthombo ozazi zonke uthi uNzuza akaqondile ukugoloza kodwa ufuna isithunzi sakhe singahuduleki phansi ngoba akalahliwe yicala enkantolo.
Njengoba uNzuza esamisiwe bekusabambe uMnuz Sipho Cele oyisikhulu esiqavile kumasipala.
Okhulumela imeya, uMnuz Mluleki Mtungwa ukuqinisekisile ukuthi uNzuza umiswe wumkhandlu emuva komhlangano.
“ Okwesinyathelo sakhe sasenkantolo besingakakuzwa sazi ukuthi umkhandlu wanquma ukuthi amiswe emsebenzini,’’ kusho uMtungwa.